Ukwaneliswa Ngezidingo ZeDeen Nezasemhlabeni

عن محمد بن يحيى بن حبان عن أبيه عن جده حبان بن منقذ أن رجلا قال: يا رسول الله أجعل ثلث صلاتي عليك قال: نعم إن شئت قال: الثلثين قال: نعم قال: فصلاتي كلها قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: إذن يكفيك الله ما أهمك من أمر دنياك وآخرتك (المعجم الكبير للطبراني، الرقم: 3574، وإسناده حسن كما في الترغيب والترهيب للمنذري، الرقم: 2578)

UHazrat Habbaan bin Munqiz (rahmatullah alayh) ubika ukuthi elinye iSahaabi elithile lake labuza URasullullah (sallallahu alayhi wasallam), “O Sthunywa sika Allah, kumele nginikele ingxenye eyodwa yesikhathi sami engisibekele ukwenza iDua ukuze ngithumele iDurood kuwe? URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) waphendula, “Yebo, Uma ufisa.” Laphinde labuza leliSahaabi, “Kumele ngibeke izingxenye ezibili zalesoskhathi ukuze ngithumele iDurood kuwe?” URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) waphendula wathi, “Yebo. Uma ufisa.” LeliSahaabi lase labuza, “Kumele ngisisebenzise sonke lesiskhathi ngokuthumela iDurood kuwe?” UHazrat Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam) wase ephendula, “Uma unesikhathi ungenza njalo. UAllah uzokwanelisela zonke izidingo zakho (lezi ekumele engabe uzicele kwiDua), noma ngabe kumayelana (nezidingo) ezasemhlabeni noma ezakwelizayo.”
Ukuqaphela Uma Ubhala IDurood
UHazrat Abu Sulaimaan Muhammad bin Husain (rahmatullah alayh) uthi:
Phakathi komakhelwane bami kwakunendoda igama layo kwaku Fadhl. UFadhl wayejwayele ukuzikhandla ngokwenza amaNafl Salaah nokuzila.
Wake wathi kimi, “Ngangijwayele ukubhala amaHadeeth aRasulullah (sallallahu alayhi wasallam) kodwa ngangingajwayele ukubhala iDurood emuva kwegama likaRasulullah (sallalahu alayhi wasallam). Ngelinye ilanga nganoma uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ephupheni  wathi kimi, ‘Kungani uhluleka ukusho IDurood kimi uma igama lami libiziwe noma libhaliwe?”‘
UFadhl wase eqhaphela kakhulu uma esho IDurood kuRasullulah (salallahu alayhi wasallam) ngenkathi kuthathwa igama likaRasulullah (salallahu alayhi wasallam). Emuva kwezinsukana wase ebona URasullullah (sallallahu alayhi wa sallam) futhi kwathi kuye “Qhubeka ngokuthumela iDurood kimi uma kuthathwa igama lami ngoba ngempela iDurood yakho ngiyayitshela.” (AlQawlul Badee pg. 487)

About admin

Check Also

Ukusho IDurood kashumi Ekseni Nantambama

عن أبي الدرداء رضي الله عنه قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: من …