Inyanga Ebusisekile KaMuharram

Ezinyageni eziyishumi nambili ekhalendeni yeIslam inyanga kaRamadaan nezinyanga ezine (iZul Qa’dah, Zul Hijjah, Muharram neRajab) zinikwa ukubaluleka okukhethekile.

Ngokufanayo ezinsukwini zekhalenda yeIslam usuku lweAshura lubusisiwe ngobuhle nenzuzo eniningi.

Njengoba inyanga kaZul Hijjah ikhethelwe ukuhlaba nokuphelelisa izimfanelo zeHajj, Inyanga kaMuharram  ihlonishwa ngokuba inyanga kaAllah futhi lenyanga inosuku olubusisekile usuku okuzilwa kulo lubizwa ngosuku lweAshura.

Ubuningi bobuhle nezibusiso zalolusuku bubonakala ngokulangazelela nesfiso sikaRasulullah (sallallahu alayhi wasallam) akuveza elindele ukuthi luqhamuke. UHazrat Abdullah bin Abbaas uyabika, “Angikaze ngibone URasullullah(sallallahu alayhi wasallam) elindele ubuhle bokuzilela usuku kunokuzila usuku lweAshura.”

AmaSunnat Nendlela Yokuziphatha KaMuharram 

1. Ukufunda ukusho iDua eyiSunnah ekuqaleni kwenyanga KaMuharram. Leyo Dua:

اَللّٰهُمَّ أَدْخِلْهُ عَلَيْنَا بِالْأَمْنِ وَالْإِيمَانِ وَالسَّلَامَةِ وَالْإِسْلَامِ وَرِضْوَانٍ مِّنَ الرَّحْمٰنِ وَجِوَارٍ مِّنَ الشَّيْطَان

O Allah! Yenza (lenyanga noma lonyaka omusha) ufike nokuphepha, iImaan, ukuvikeleka, iIslaam, injabulo kaMdali nokuvikeleka kusathane.

2. Kumele unyuse izinga lokwenza izenzo ezinhle enyangeni KaMuharram ngoba lenyanga iphakathi kwezinyanga ezine ezingcwele futhi izenzo ezinhle ezenziwe kulezinyanga ziphindaphindiwe.

3. Umuntu kumele agweme ukuwenza izono kulenyanga ngoba isijeziso sezono siphindaphindiwe kulezinyanga ezibusisekile.

4. Umuntu kumele agweme ukuphazamisa abantu, ukulwa, nokuxabana kulenyanga ngoba lezenzo zidala ukuthi umuntu ancishwe izibusiso zalenyanga.

5. Kumele uzame ukuzila kulenyanga KaMuharram. Usuku olulodwa oluziliwe kulenyanga KaMuharram umuntu uthola umvuzo wokuzila inyanga eyodwa ephelele.

6. Usuku lweshumi usuku lweAshura. Ukuzila kulolusuku kuyiSunnah enkulu kaRasullulah (Sallalahu alayhi wasallam). Umvuzo wokuzila ngalolusuku ukuthi zonke izono ezincane zonyaka odlule ziyathethelelwa.

7. Ndawonye nokuzila ngosuku lweAshura kumele uzile usuku olungaphambili noma usuku olulandela usuku lweAshura (kuchaza ukuthi uyozila umhlaka 9 nomhlaka 10 noma umhlaka 10 nomhlaka 11). Lokho kwenzelwe ukuthi siphikise amaJuda ngoba wona azila ngomhlaka 10 kuphela.

8. Usuku lweAshura lusifundisa isifundo esibalulekile – Isifundo sokulondoloza inkolo yethu ngasosonke isikhathi nokugwema ukulingisa izindlela zabangakholwa. Yingakho URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) walayela isizwe sakhe ukuthi sizile izinsuku ezimbili.

Uma uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) waveza ukungathandi kwakhe ukuthi isizwe sakhe silingise amaJuda ngokuzila (into eyisenzo sokukhonza), umuntu sengacabanga ukuthi URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) uzongayithandi kangakanani indlela yokuthi isizwe sakhe silingise abangakholwa emasikweni abo, ekugqokeni nezindlela zokuphila.

9. Ngosuku lweAshura kumele umuntu abenomusa kakhulu emndenini wakhe ngokondla nokuphana. IHadeeth iyachaza ukuthi umuntu onyusa izinga lokondla nokuthengela umdeni wakhe ngalolusuku, UAllah uzombusisa ngesondlo esinkulu sonyaka wonke.

10. Kumele ugweme ukuzibandakanya ngezenzo namasiko angenasisekelo enziwa abantu ngosuku lweAshura njengokulila ukushona kaHazrat Husain(radhiyallahu anhu) njengoba kwenziwa amaShia.

Isaziso: Kumele kubesemqoka ukuthi ukubulawa kaHazrat Husain (radhiyallahu anhu) kwakuyinto eyisihluku futhi ebuhlungu eyake yenzeka emlandweni wethu. Kepha usuku lweAshura nezibusiso zalolusuku aluhlanganise lutho nokubulawa nokushona kukaHazrat Husain (radhiyallahu anhu). Esikhundleni salokho usuku lweAshura lathola ubuhle nezibusiso zalo ngaphambili  kokushona kukaHazrat Husain (radhiyallahu anhu), kusho ukuthi  lesenzo sokulila ukushona kukaHazrat Husain (radhiyallahu anhu) kwamaShia akunasisekelo kwiIslam.

About admin

Check Also

Indlela EyiSunnah Yokusho IIkaamah

1. Yisho iIkaamah ngeHadr (ngokusho amagama ngendlela esheshayo). عن جابر رضي الله عنه أن رسول …