Ukuxhawula URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) Ngosuku Lokwahlulela. 

قال النبي صلى الله عليه وسلم من صلى علي في يوم خمسين مرة صافحته يوم القيامة (القربة لابن بشكوال، الرقم: 87، وقد سكت عنه السخاوي في القول البديع صـ 289، ويفهم من سكوته أن الحديث معمول به عنده، ولذلك ذكره في كتابه)

Kubikiwe ukuthi uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi, “Umuntu osho iDurood kimi kawu (50) ngosuku, ngizomxhawula ngosuku lokwahlulela.
Ukuhluleka Ukubhala IDurood kuRasullulah (sallallahu alayhi wasallam).
UHazrat Hasan bin Moosa Al Hadrami (rahmatullah alayh), owaziwa ngo Ibnu Ujainah (rahmatullah alayh) uthi:
Ngangijwayele ukubhala amaHadeeth, ngenxa yokujaha kwami ngangikhohlwa ukubhala iDurood kuRasullulah (salallahu alayhi wasallam) lakuqhamuke khona igama likaRasulullah (salallahu alayhi wasallam). Wase uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) evela ephupheni lami, wathi kimi, “Kungani uhluleka ukubhala iDurood negama lami ngendlela uAbu Amr Tabari (rahmatullah alayh) enza?”
Ngenkathi ngivuka ngaphatheka kabi ngagcwala usizi, kusukela lapho ngenza inhloso yokuthi ngokuzayo ngizokwenza isiqiniseko sokubhala iDurood emuva kwegama likaRasulullah umangibhala amaHadeeth. (AlQawlul Badee pg. 492)

About admin

Check Also

Ukusho IDurood kashumi Ekseni Nantambama

عن أبي الدرداء رضي الله عنه قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: من …