Ubuhle Buka Muazzin (umuntu osho iAzaan) – 2

3. Zinkulu izibusiso ezibikiwe kwelizayo zomuntu osho iAzaan.

عن أبي هريرة رضي الله عنه أن رسول الله صلى الله عليه وسلم قال لو يعلم الناس ما في النداء والصف الأول ثم لم يجدوا إلا أن يستهموا عليه لاستهموا (صحيح البخاري، الرقم: 615)

UHazrat Abu Hurairah (radhiyallahu anhu) ubika ukuthi uHazrat Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi, “Ukube abantu bayasazi isibusiso esikhulu sokusho iAzaan nokwenza iSalaah kwiSaff (umugqa) wokuqala, ngabe abaytholi into ezoxazulula ukuphisana kwabo (ngokuthi ubani ozosho iAzaan noma ozoma emugqeni wokuqala eMasjid) ngokuthi ubani ozothola lesikhundla senhlonipho ngaphandle koku tomula amagama, futhi bayo tomula amagama ngempela.”

4. Yonke indalo ( amaJinn (imimoya) ,abantu noma eyiphi indalo) ezwa izwi likaMuazzin (umuntu osho iAzaan) uma esho iAzaan iyomfakazela ngosuku lokwahlula.

عن عبد الرحمن بن عبد الله بن عبد الرحمن بن أبي صعصعة الأنصاري ثم المازني عن أبيه أنه أخبره أن أبا سعيد الخدري رضي الله عنه قال له إني أراك تحب الغنم والبادية فإذا كنت في غنمك أو باديتك فأذنت بالصلاة فارفع صوتك بالنداء فإنه لا يسمع مدى صوت المؤذن جن ولا إنس ولا شيء إلا شهد له يوم القيامة قال أبو سعيد سمعته من رسول الله صلى الله عليه وسلم (صحيح البخاري، الرقم: 609)

Kubikiwe ukuthi ngelinye ilanga uHazrat Abu Sa’eed Khudri (radhiyallahu anhu) wathi kuHazrat Abdullah bin Abdir Rahmaan bin Abi Sa’sa’ah (rahmatullah alayh), “Ngiyabona ukuthi uyathanda ukuhlala nemfuyo yakho (ukuylusa) emadlelweni. Uma uphakathi nemfuyo yakho noma emadlelweni, (kungene isikhathi sokwenza iSalaah) bese ufisa ukusho iAzaan, kumele uphakamise izwi lakho uma usho iAzaan ngoba ngempela immoya, abantu nanoma eyiphi indalo iyalizwa izwi likaMuazzin, futhi lalifikela khona liyomfakazela ngosuku lokwahlulela.” UHazrat Abu Sa’eed Khudri (radhiyallahu anhu) wase ethi, “Lokhu ngakuzwa ngoRasulullah (sallallahu alayhi wasallam).”

About admin

Check Also

Indlela EyiSunnah Yokusho IIkaamah

1. Yisho iIkaamah ngeHadr (ngokusho amagama ngendlela esheshayo). عن جابر رضي الله عنه أن رسول …