Ukubona Indawo Yakho EJannah (ezulwini)

عن أنس بن مالك قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: من صلى علي في يوم الجمعة ألف مرة لم يمت حتى يرى مقعده من الجنة (أخرجه ابن شاهين بسند ضعيف كذا في القول البديع صـ 397)

UHazrat Anas (radhiyallahu anhu) ubika ukuthi uHazrat Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi, “Umuntu othumela kimi amaDurood awu (1000) ngolwesihlanu, ngeke aze ashone engaboniswanga indawo yakhe eJannah.”
Ukufikela Ezikhundleni Eziphezulu Ngokubhala IDurood Eniningi
UHazrat Jafar bin Abdullah (rahmatullah alayh) uthi:
Ngelinye ilanga ngake ngabona uImaam Abu Zur’ah(rahmatullah alayh) (isazi samaHadeeth) ephupheni. Ngambona ezulwini ehole izingilosi kwiSalaah.
Ngase ngimbuza, “O Abu Zur’ah, ufikele kanjani kulesi khundla esiphezulu kanje?” waphendula wathi, “Ngalesandla sami ngabhala amahadeeth ayi (1000000) futhi uma ngangibhala igama elibusisekile likaRasulullah (salallahu alayhi wasallam) ngangi bhala iDurood. URasulullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi, “umuntu othumela kimi iDurood kimi Kanye, uAllah uthumela kuye umusa ophindwe izihlandla eziyishumi.”
Ngokusho kwalesibala, kunga chaza ukuthi (ngokubhala kwakhe amaDurood ayi (1000000), umusa kaAllah kuye unease uphindwe izihlandla eziwu (10 00000) kuye. Umuntu usengacabanga ukuthi uma umusa owodwa ubalulekile ngaphezulu kwayonke into emhlabeni, ubusiseke kangaka nani umuntu onikwa umusa ophindwe izihlandla eziwu (10 000000)! (Al Qawlul Badee pg. 489)

About admin

Check Also

Ukusho IDurood kashumi Ekseni Nantambama

عن أبي الدرداء رضي الله عنه قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: من …