Ubuhle Buka Muazzin (umuntu osho iAzaan) – 3

5. Isimemezeliwe intethelelo kaMuazzin. Ngokufanayo, izindaba ezimnandi mayela noMuazzin zikhishiwe ngokuthi ubusisiwe ngesibusiso sawonke umuntu osho iSalaah yakhe ngokuzwa iAzaan yakhe.

عن البراء بن عازب رضي الله عنه أن نبي الله صلى الله عليه وسلم قال إن الله وملائكته يصلون على الصف المقدم والمؤذن يغفر له بمد صوته ويصدقه من سمعه من رطب ويابس وله مثل أجر من صلى معه (سنن النسائي، الرقم:٦٤٥)

UHazrat Baraa bin Aazib (radhiyallahu anhu) ubika ukuthi uHazrat Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi, “Ngempela uAllah udedela umusa wakhe ngaphezu kwalaba abasho iSalaah yabo kwiSaff (umugqa) wokuqala nezingilosi zimenzela iDua ekhethekile. UMuazzin uyothola intethelelo esuka kuAllah ngebanga lakufikela khona izwi lakhe (uma kade enezono ezininingi ezisukela kulendawo la esho khona iAzaan kuze kufikela khona laku fikela khona izwi lakhe, zonke lezozono ziyothethelelwa noma ubude besikhathi esihambayo ukuze kufikele iziwi lakhe uyothola intethelelo kaAllah ngobude balesosikathi empilweni yakhe la enze khona izono), futhi yonke indalo, noma Ingenawo umphefumulo iyomfakazela ngosuku lokwahlula futhi uyothola izibusiso zabonke labantu abasho iSalaah yabo ndawonye naye ( kuchaza ukuthi bonke labantu basho iSalaah yabo ngokuzwa izwi lakhe).”
6. OMuazzin bachazwe ngokuba izigqila ezinhle kakhulu ezika Allah.

عن ابن أبي أوفى رضي الله عنه قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم إن خيار عباد الله الذين يراعون الشمس والقمر والنجوم والأظلة لذكر الله (المستدرك على الصحيحين للحاكم، الرقم: 163)

UHazrat Ibnu Abi Awfaa ubika ukuthi uHazrat Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam), “Ngempela izigqila ezinhle kakhulu zika Allah ilezi ezihlaziya (ukuphuma nokushona kwalo) ilanga, inyanga, izinkanyezi nezithunzi ukuze zikhumbule uAllah (kuchaza ukuthi zenza iIbaadah (imthandazo) ekaAllah ngesikhathi esifanelekile zilandela imithetho kaAllah, zigcina isikhathi ngokulandelela ilanga, Inyanga, izinkanyezi nezithunzi njengoba kuchazwa amaHadeeth. UMuazzin naye ubaliwe kulesibusiso ngoba naye uyasigcina isikhathi ukuze azosho iAzaan ngesikhathi esifanelekile.”

About admin

Check Also

Indlela EyiSunnah Yokusho IIkaamah

1. Yisho iIkaamah ngeHadr (ngokusho amagama ngendlela esheshayo). عن جابر رضي الله عنه أن رسول …