Ukthola Isitifiketi Sokungabi IMunaafiq (umzenzisi) nokuba nenkululeko young yokungayi EJahanam.

عن أنس بن مالك قال: قال رسول الله صلى الله عليه وآله وسلم: من صلى علي صلاة واحدة صلى الله عليه عشرا ومن صلى علي عشرا صلى الله عليه مائة ومن صلى علي مائة كتب الله له بين عينيه براءة من النفاق وبراءة من النار وأسكنه الله يوم القيامة مع الشهداء (المعجم الصغير للطبراني، الرقم: ٨٩٩، وقال الهيثمي في  مجمع الزوائد (الرقم: ١٨٢٩٨): رواه الطبراني في الصغير والأوسط وفيه إبراهيم بن سالم بن شبل الهجيمي ولم أعرفه وبقية رجاله ثقات، وقال المنذري في الترغيب والترهيب (الرقم: 2560): وفي إسناده إبراهيم بن سالم بن شبل الهجعي لا أعرفه بجرح ولا عدالة)

UHazrat Anas (radhiyallahu anhu) ubika ukuthi uHazrat Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi, “Umuntu othumela kimi iDurood Kanye, uAllah uthumela umusa ophindwe izihlandla eziyishumi kuye ekuzoba isibusiso sakhe futhi umuntu othumela iDurood kimi ka(10), uAllah uthumela kuye izikhonzo eziphindwe ka(100) futhi Umuntu othumela iDurood kimi ka(100), uAllah umbhalela (isitifiketi) senkululeko yokuba umzenzisi phakathi kwamehlo akhe nenkululeko yaseJahanam futhi uAllah uzomhlonipha nezimfelakhona ngosuku lokwahlulela.”
Ukubhala IDurood Ngendlela Ekhethekile 
UHazrat Abu Ali, Hasan Ali At-taar (rahmatullah alayh) uthi
UAbu Taahir wake wanginika iziqeshana zamaHadeeth.Ngabona ukuthi njalo umaku qhamuka igama likaRasulullah, iDurood kade ibhalwe ngalendlela:

صَلّٰى اللهُ عَلَيْهِ وَسَلَّمَ تَسْلِيْمًا كَثِيْرًا كَثِيْرًا كَثِيْرًا

Ngase ngambuza uAbu Taahir, “kungani ubhala iDurood kuRasullulah (salallahu alayhi wasallam) ngalendlela?”
wase ephendula ethi:
ebusheni bami ngangijwayele ukubhala amaHadeeth ngaphandle kokubhala iDurood kuRasullulah (salallahu alayhi wasallam). Ngase ngabona URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ephupheni , ngamubingelela uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wanga phendula wase ebhekisa ubuso bakhe kwelinye icala, ngase ngiya kuye kuleli cala abhekise kulo wase ephenda okufanayo, okwesthathu ngase ngiyakuleli cala abhekise kulo, ngase ngimbuza, “O Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam) kungani ungafuni ukungibona?” wase ephendula URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ethi, “Ngenkathi ubhala igama lami encwadini yakho, awuythumelanga iDurood kimi.” “Sukela ngaleso sikhathi uma ngibhala iDurood kaRasullulah ngiyibhala kanje”  (AlQawlul Badee pg. 493)

About admin

Check Also

Ukusho IDurood kashumi Ekseni Nantambama

عن أبي الدرداء رضي الله عنه قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: من …