Ubuhle Buka Muazzin (umuntu osho iAzaan) – 4

7. Uthenjiswe inkululeko emlilweni wase Jahannam umuntu osho iAzaan iminyaka eyisikhombisa (7).

عن ابن عباس رضي الله عنهما أن النبي صلى الله عليه وسلم قال من أذن سبع سنين محتسبا كتبت له براءة من النار (سنن الترمذي، الرقم: 206)

UHazrat Ibnu Abbaas (radhiyallahu anhuma) ubika ukuthi uHazrat Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi, “Umuntu osho iAzaan iminyaka eyisikhombisa ngobuqotho nethemba lokuthola izibusiso uthola isiqiniseko senkululeko emlilweni wase Jahannam.”
8. UHazrat Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam) wenza iDua yentethelelo yomuntu osho iAzaan.

عن أبى هريرة رضي الله عنه قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم الإمام ضامن والمؤذن مؤتمن اللهم أرشد الأئمة واغفر للمؤذنين (سنن أبي داود، الرقم: 517)

UHazrat Abu Hurairah (radhiyallahu anhu) ubika ukuthi uHazrat Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi, “I-Imaam inomkhandlu (wokuhola abantu kwiSalaah) futhi noMuazzin uyaliwe ( uyalwe ngomsebenzi wokusho iAzaan ngesikhathi esifanelekile). O Allah, lekela oImaam ( ngokwenza imisebenzi yabo yokuhola abantu kahle kwiSalaah) futhi uxolele oMuazzin (emaphutheni abo).”

About admin

Check Also

Indlela EyiSunnah Yokusho IIkaamah

1. Yisho iIkaamah ngeHadr (ngokusho amagama ngendlela esheshayo). عن جابر رضي الله عنه أن رسول …