Isibusiso Esikhethekile Sokusho IDurood ewu 100

عن أبي هريرة رضي الله عنه عن النبي صلى الله عليه وسلم قال من صلى علي عشرا صلى الله عليه مئة ومن صلى علي مئة صلى الله عليه ألفا ومن زاد صبابة وشوقا كنت له شفيعا وشهيدا يوم القيامة (أخرجه أبو موسى المديني بسند قال الشيخ مغلطاى لا بأس به، كذا في القول البديع صـ 236)

UHazrat Abu Hurairah (radiyallahu anhu) ubika ukuthi uRasulullah (Sallallahu alayhi wasallam) wathi, “Umuntu  othumela imikhonzo (Durood) eyishumi kimi, UAllah uthumela kuye imikhonzo ewu 100, futhi umuntu othumela kimi imikhonzo (Durood) ewu 100, UAllah uthumela kuye imikhonzo (Durood) ewu 1000, bese umuntu owandisa (imikhonzo kimi) ngenxa yothando (lami) nokulangazelela (ukuthola Izibusiso), mina ngizomkhulumela futhi ngimfakazele ngosuku leKiyaamah”.

Ukubhala u”sallallahu alayhi wasallam “Uma Uloba amaAhaadith

UHazrat Abul Hassan Maimooni (rahimahullah) uthi:

Ngake ngabona uthisha wami, uAbu Ali (rahimahullah) ephupheni. Ngabona ukuthi kukhona into ebhaliwe eminweni yakhe ngegolide noma uqhakaza. Ngase ngimbuza, “O Abu Ali, yini le?” Waphendula wathi, “Njalo uma ngangihlangana negama likaRasulullah (sallallahu alayhi wasallam) uma ngibhala phansi amaAhaadith, ngazijwayeza ukubhala u”sallallahu alayhi wasallam” (lesi isibusiso Sokubhala iDurood).” (Al-Qowlul Badee’ Pg. 487)

About admin

Check Also

Ukusho IDurood kashumi Ekseni Nantambama

عن أبي الدرداء رضي الله عنه قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: من …