Ubufakazi BeKuraan Kareem NgamaSahaabah (radhiyallahu anhum) Mayelana Nokuzinikela Kwabo Okukhulu

IAnsaari Lidiliza Ibhilidi

Ngelinye ilanga uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wayedlula kwesinye istradi eMadina wase ebona ibhilidi elinesakhiwo esiyingungu. Wabuza amaSahaabah (radiallahu anhum), “yini le” AmaSahaabah amchazela ukuthi ibhilidi elisha elakhiwa omunye wamaAnsaar. URasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wase wathula.
Emvakweskhathi leloAnsaari elakha lowomuzi lahamba laya KuRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) lase limbingelela ngeSalaam. URasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wabhekisa ubuso bakhe kwelinye icala. Lase laphinda labingelela ngeSalaam leliSahaabi. URasullullah (sallallahu alaihi wasallam) waphinda futhi wangamphendula. LeliSahaabi lase likhathazeka kakhulu ngokuthi URasullullah (sallallahu alaihi wasallam) akamphenduli.
Ngenkathi ebuza amanye amaSahaabah, wase echelwa ukuthi uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) kade edlula eduze kwebhilidi lakhe elisha wase ebuza ngalo. NgaphandLe kokumosha iskhathi leliSahaabi lahamba layobhidliza lelibhilidi elisha ngaphandle kokutshela ngisho noRasulullah (sallallahu alaihi wasallam) ngesenzo sakhe.
Emvakweskhathi uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) waphinda wadlula eduze kwaleyo ndawo. Wabuza, “kwenzekeni ngalela bhilidi elalinesakhiwo ngikhumbula ukuthi ngalibona ngidlula, amaSahaabah (radiallahu anhum) aphendula amchazela ukuthi iAnsaari liyibhidlizile mgoba libone ukuthi aliylethi injabulo KuRasullullah (sallallahu alaihi wasallam). Ngalesosikhathi uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wathi, “zonke izakhiwo zizoba umthwalo ngaphandle kwezakhiwo ezinesdingo sangempela.
Lesenzo saleliSahaabi sikhombisa uthando oluyiqiniso nokuzinikela KuRasullullah (sallallahu alaihi wasallam). AmaSahaabah (radiallahu anhum) ayekade engakwazi ukubekezela ukungajabuli kaRasullullah (sallallahu alaihi wasallam), ngenkathi ebona okungamthokozisi uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) bashiya phansi lesosenzo.

About admin

Check Also

Ofanelekile Kakhulu Ukuhola Abantu KwiSalaah

UHadrat Abu Bakr (radiallahu anhu) – Umfanekiso Womusa Nobuhle Ngelinye ilanga uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) …