Ukusho IDurood Uma Ungena Noma Uphuma EMasjid

عن فاطمة رضي الله عنها قالت: كان رسول الله صلى الله عليه وسلم إذا دخل المسجد صلى على محمد وسلم وقال رب اغفر لي ذنوبي وافتح لي أبواب رحمتك وإذا خرج صلى على محمد وسلم وقال رب اغفر لي ذنوبي وافتح لي أبواب فضلك (سنن الترمذي، الرقم: 314، وحسنه)

UHadrat UFaathimah (radiallahu anha) ubika ukuthi ngenkathi URasullullah (sallallahu alaihi wasallam) engena eMasjid, wayeqala ngokusho iDurood emvakwalokho asho leDu’a elandelayo :

رب اغفر لي ذنوبي وافتح لي ابواب رحمتك

O nkosi yami, thethelela izono zami futhi ungivulele izicabha zomusa wakho.
Ngenkathi URasullullah (sallallahu alaihi wasallam) ephuma eMasjid wayejwayele ukusho IDurood emvakwalokho asho leDu’a elandelayo :

رب اغفر لي ذنوبي وافتح لي أبواب فضلك

O nkosi yami, thethelela izono zami futhi ungivulele izicabha zemcebo yakho.
UHadrat Abu Humaid noma UHadrat Abu Usaid (radiallahu anhuma) ubika ukuthi URasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wathi, “Noma yimuphi phakathi kwenu ongena eMusjid kumele asho iDurood KuRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) abe esesho leDu’a elandelayo :

اللهم افتح لي أبواب رحمتك

O Allah, ngiyacela ungivulele izicabha zomusa wakho.
Futhi uma esephuma eMasjid kumele asho iDurood KuRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) asho leDu’a elandelayo :

اللهم إني أسألك من فضلك

O Allah, ngiyakucela (ungiphe) emcebeni wakho.
IAnsaari Lidiliza Ibhilidi
Ngelinye ilanga uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wayedlula kwesinye istradi eMadina wase ebona ibhilidi elinesakhiwo esiyingungu. Wabuza amaSahaabah (radiallahu anhum), “yini le” AmaSahaabah amchazela ukuthi ibhilidi elisha elakhiwa omunye wamaAnsaar. URasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wase wathula.
Emvakweskhathi leloAnsaari elakha lowomuzi lahamba laya KuRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) lase limbingelela ngeSalaam. URasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wabhekisa ubuso bakhe kwelinye icala. Lase laphinda labingelela ngeSalaam leliSahaabi. URasullullah (sallallahu alaihi wasallam) waphinda futhi wangamphendula. LeliSahaabi lase likhathazeka kakhulu ngokuthi URasullullah (sallallahu alaihi wasallam) akamphenduli.
Ngenkathi ebuza amanye amaSahaabah, wase echelwa ukuthi uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) kade edlula eduze kwebhilidi lakhe elisha wase ebuza ngalo. NgaphandLe kokumosha iskhathi leliSahaabi lahamba layobhidliza lelibhilidi elisha ngaphandle kokutshela ngisho noRasulullah (sallallahu alaihi wasallam) ngesenzo sakhe.
Emvakweskhathi uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) waphinda wadlula eduze kwaleyo ndawo. Wabuza, “kwenzekeni ngalela bhilidi elalinesakhiwo ngikhumbula ukuthi ngalibona ngidlula, amaSahaabah (radiallahu anhum) aphendula amchazela ukuthi iAnsaari liyibhidlizile mgoba libone ukuthi aliylethi injabulo KuRasullullah (sallallahu alaihi wasallam). Ngalesosikhathi uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wathi, “zonke izakhiwo zizoba umthwalo ngaphandle kwezakhiwo ezinesdingo sangempela.
Lesenzo saleliSahaabi sikhombisa uthando oluyiqiniso nokuzinikela KuRasullullah (sallallahu alaihi wasallam). AmaSahaabah (radiallahu anhum) ayekade engakwazi ukubekezela ukungajabuli kaRasullullah (sallallahu alaihi wasallam), ngenkathi ebona okungamthokozisi uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) bashiya phansi lesosenzo.

About admin

Check Also

Umphumela womhlangano Onganayo Izikar NeDurood

عن جابر رضي الله عنه قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: ما اجتمع …