Imibuzo Ejikelele Mayelana NeAzaan NeIkaamah

1. Umbuzo: Ngabe kumele osho iIkaamah abhekise ikhanda lakhe kuhlangothi lwesokudla nakwe lwesonxele uma esho u حي على الصلاة no حي على الفلاح.
Impendulo : kunemibono emithathu kulumbuzo:
Umbono wokuqala ukuthi uMuazzin angeke aze abhekise ikhanda kuhlangothi lwesokudla no lwesonxele uma esho u حي على الصلاة no حي على الفلاح.
Umbono wesbili ukuthi uma indawo lakwenzelwa khona iSalaah inkulu kumele uMuazzin kumele abhekise ikhanda lakhe kuhlangothi lwesokudla naku lwesonxele uma esho حي على الصلاة no حي على الفلاح.
Umbono westhathu ukuthi uMuazzin kumele abhekise ikhanda lakhe kuhlangothi lwesokudla ne lwesonxele nomangabe indawo incane noma inkulu.
Kuvumelekile ukwenza nanoma eyiphi imbono le ekukhulumwa ngayo.
 2. Umbuzo: Kuvumelekile yini ukusho iAzaan ngaphakathi eMasjid ?
 Impendulo : kuMakrooh (isenzo esingalungile) ukusho iAzaan ngaphakathi kweMasjid. IAzaan kumele ishiwo ngaphandle kweMasjid isbonelo egcekeni leMasjid.

About admin

Check Also

AmaSunnat Nendlela yokwenza IKurbaani – 3

12. Kuvumelekile ukuthi owesifazane azihlabele isilwane sakhe kodwa 13. Ungasihlabi isilwane ngaphambili kwezinye izilwane. 14. …