Ukusho IDurood KwiSalaah Nasekupheleni kwayo

عن ابن عمر قال: كان رسول الله صلى الله عليه وسلم يعلمنا التشهد التحيات الطيبات الزاكيات لله السلام عليك أيها النبي ورحمة الله وبركاته السلام علينا وعلى عباد الله الصالحين أشهد أن لا إله إلا الله وحده لا شريك له وأن محمدا عبده ورسوله ثم يصلي على النبي صلى الله عليه وسلم (سنن الدارقطني، الرقم: 1330، وفيه موسى بن عبيدة الربذي وهو ضعيف كما في القول البديع صـ 365)

UHadrat Abdullah bin Umar (radiallahu anhu) ubika uthi, “URasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wayejwayele ukusifundisa iDua yeTashahud (leDua efundwa uma usuhleli), emvakwalokho uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wathi kumele sisho iDurood (uma uqede ukwenza iTashahud).”

عن أبي أمامة عن النبي صلى الله عليه وسلم قال: من دعا بهؤلاء الدعوات في دبر كل صلاة مكتوبة حلت له الشفاعة مني يوم القيامة اللهم أعط محمدا الوسيلة واجعل في المصطفين محبته، وفي العالين درجته وفي المقربين داره (المعجم الكبير للطبراني، الرقم: 7926)

UHadrat Abu Umaamah (radiallahu anhu) ubika ukuthi URasullullah wathi,” Umuntu osho lamazwi alandelayo emva kweSalaah yeFard (eyimpoqo), ngiyomkhulumela ngosuku lweKiyaamah :

اَللّٰهُمَّ أَعْطِ مُحَمَّدًا الْوَسِيْلَةَ وَاجْعَلْ فِيْ الْمُصْطَفَيْنَ مَحَبَّتَهُ وَفِيْ الْعَالِيْنَ دَرَجَتَهُ وَفِيْ الْمُقَرَّبِيْنَ دَارَهُ

O Allah! Nika uMuhammed (sallallahu alaihi wasallam) iWaseelah (ilungelo lokukhulumela ngosuku lweKiyaamah) futhi beka uthando (kwizinhliziyo) kulaba obakhethile, umbeke eskhundleni sabantu abaphezulu, wenze indawo yakhe yokugcina nalaba abathandayo nezigqila zakho ezisondele.
Uthando LweSahaabi (radiallahu anhu) olujulile likaRasullullah (sallallahu alaihi wasallam)
Ngenkathi kwenziwa izinxoxo zaseHudaybiyah, UUrwah bin Mas’ood (radiallahu anhu), isithunywa seqembu leKuraish (owaye kade engasilona IMuslim ngalesosikhathi), wathola ithuba lokubona indlela amaSahaabah (radiallahu anhum) ayemphethe ngayo URasullullah (sallallahu alaihi wasallam). Ngenkathi ubuyela kubantu bakhe, wathi kubona :
Ngike ngaya ezinkundleni zezinkosi ezinamandla amakhulu ngiyisthunywa. Sengike ngabonana umbuso wama roma, owase pherisiya nowaseAbasinya. Kodwa angikaze ngibone abantu behlonipha izinkosi zabo njengoba ngabona abalandeli baMuhammed (sallallahu alaihi wasallam) behlonipha uMuhammed.
Uma ephimisa amathe, abawavumeli ukuthi athinte phansi, kuba khona owathatha ngezandla awagcobe emzimbeni wakhe ukuze athole isbusiso. Uma ekhipha isyalezo wonke umuntu uyaslandela. Uma enza iWuzu, abalandeli bakhe bancintisana ngokuthatha amanzi asuka emalungeni omzimba wakhe. Kuzo kubonakale kumuntu obhekile engathi bazolwela lawomanzi. Uma ekhuluma kuba khona ukuthula. Akekho ombheka emehlweni ngenhla yenhlonipho.

About admin

Check Also

Ubuhle Obukhulu Bokusho IDurood Ngosuku LweJumuah

عن أوس بن أوس رضي الله عنه قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم …