UAllah Uthembisa AmaSahaabah (radhiyallahu anhum) IJannah

Uthando LaHadrat Anas bin Nadhar (radiallahu anhu) LaRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) Nokufa Kwakhe Empini YaseUhud

Ngenkathi amaMuslim enqotshwa eUhud, kwaqala kwasabalala amahemuhemu ngokuthi uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) ubulewe. Loludaba ladala ukuthi amaSahaabah (radiallahu anhum) aphelelewe umdlandla, alahle ithemba.
UHadrat Anas (radiallahu anhu) wase ebona UHadrat Umar (radiallahu anhu) noHadrat Talha (radiallahu anhu) neqembu lamaSahaabah osizwini sebelahle nethemba. Wase ethi kubona, “Yindaba nginibona osizini nilahle nethemba? “ baphendula bathi, “URasullullah (sallallahu alaihi wasallam) ubulewe. “
UHadrat Anas (radiallahu anhu) wababaza wathi, “Pho ubani ofisa ukuphila emvakwakhe? Wozani, ashambeni nezinkemba zethu siyephambili sizibandakanye nesthandwa sethu, uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam)!” akuphelanga iskhathi esasho lamazwi wayaphakathi kwempi walwa nezitha ngobuqhawe waze wabulawa.
UHadrat Anas (radiallahu anhu) wayekade enothando olukhulu laRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wabona ukuthi asisekho isidingo sokuphila uma uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) engasekho.

About admin

Check Also

Umuntu Olunge Kakhulu Kulesizwe

Umuntu Olunge Kakhulu Walesizwe UHadrat Abu Darda (radiallahu anhu) wathi, “Ngelinye ilanga uRasullullah (sallallahu alaihi …