AmaSunnat Nendlela yokwenza IKurbaani

 1. IKurbaani iyiIbaadah (indlela yokukhonza) enkulu kwiIslaam. Kunenkulumo ekhethekile kwiKuraan mayelana neKurbaani, ubuhle bayo obukhulu futhi ukubaluleka kwayo kugcizeleliwe kwiKuraan namaHadeeth kaRasullullah (sallallahu alaihi wasallam). UAllah uthi :

لَنۡ یَّنَالَ اللّٰه لُحُوۡمُها وَلَا دِمَآؤُها وَلٰکِنۡ یَّنَالُه التَّقۡوٰی مِنۡکُمۡ

“Akusiyona inyama noma igazi (lesilwane) elifikela kuAllah eskhundleni salokho ubuqotho benhliziyo okufinyelela kuye.”

عن زيد بن أرقم رضي الله عنه قال: قال أصحاب رسول الله صلى الله عليه وسلم: يا رسول الله ما هذه الأضاحي قال: سنة أبيكم إبراهيم عليه السلام قالوا: فما لنا فيها يا رسول الله قال: بكل شعرة حسنة قالوا: فالصوف يا رسول الله قال: بكل شعرة من الصوف حسنة

UHadrat Zaid bin Arqam (radiallahu anhu) ubika ukuthi ngelinye ilanga amaSahaabah (radiallahu anhum) ake abuza uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam),” O Rasullullah (sallallahu alaihi wasallam)!, yini ukubaluleka kwalesenzo seKurbaani?” URasullullah (sallallahu alaihi wasallam) waphendula wathi, ” Lesi isenzo sikakhokho wenu, umprofethi uEbrahim (alayhisallaam).” AmaSahaabah ase ebuza, “yini umvuzo wokwenza lesenzo?” URasullullah (sallallahu alaihi wasallam) waphendula wathi, “uzothola isibusiso ngalo lonke unwele olutholakala kuleso silwane.” AmaSahaabah (radiallahu anhum) ase ephinda ebuza, ” O Rasullullah (sallallahu alaihi wasallam) uboya bona? (uma islilwane esinoboya) uyothola umvuzo ngalonke ucezu lwaboya. (ibnu Maajah)
  2. Ngosuku laEid isenzo esthandekile kuAllah ukuchitha igazi.

عن عائشة رضي الله عنها أن رسول الله صلى الله عليه وسلم قال: ما عمل آدمي من عمل يوم النحر أحب إلى الله من إهراق الدم إنه ليأتي يوم القيامة بقرونها وأشعارها وأظلافها وأن الدم ليقع من الله بمكان قبل أن يقع من الأرض فطيبوا بها نفسا

UHadrat Aisha (radiallahu anha) ubika ukuthi URasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wathi, “Asikho isenzo esenziwa isgqila ezinsukini zeKurbaani esthandekile kuAllah kunokuchitha igazi (ukuhlinza izilwane). Isilwane esihlinziwe siyoqhamuka ngosuku leKiyaamah nezimpomdo, izinwele nezinselo zayo. Lowomnikelo wamukelwa uAllah ngaphambili kokuthi igazi lithinte phansi. Ngakho-ke yenza IKurbaani ngokujabula kwenhliziyo. (Tirmizi)
  3. Ngaphambili kweKurbaani nangeskathi seKurbaani ungasphathi ngonya isilwane nanoma ngayiphi indlela ehlukumezayo, Kumele usiphathe ngomusa.

عن شداد بن أوس رضي الله عنه عن رسول الله صلى الله عليه وسلم قال: إن الله تبارك وتعالى كتب الإحسان على كل شيء فإذا قتلتم فأحسنوا القتلة وإذا ذبحتم فأحسنوا الذبح وليحد أحدكم شفرته وليرح ذبيحته

UHadrat Shaddaad bin Aus (radiallahu anhu) ubika ukuthi URasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wathi, “UAllah ulayeza ukuthi yonke into ephilayo ikhonjiswe umusa. Uma ubulala isitha (empini) sibulalale ngendlela efanelekile (ungasi hlukanisi isdumbu), uma uhlinza isilwane, hlinza ngedlela efanelekile. Lola imimese uvumele isilwane sife kalula.” 
  4. Uma unawo amandla, kuhle ukuthi uhlabe isilwane esinye egameni likaRasullullah (sallallahu alaihi wasallam), amaSahaabah (radiallahu anhum) neziceku zesizwe seIlslam.

عن علي رضي الله عنه أنه كان يضحي بكبشين أحدهما عن النبي صلى الله عليه وسلم والآخر عن نفسه فقيل له فقال: أمرني به يعني النبي صلى الله عليه وسلم فلا أدعه أبدا

Kubikwa ukuthi uHadrat Ali (radiallahu anhu) wayejwayele ukuhlinza iziklabhu ezimbili, esisodwa egameni likaRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) esinye egameni lakhe. Ngenkathi ebuzwa ngesizathu salokho, waphendula wathi, “URasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wangitshela ukuthi angenze ngalendlela, futhi angisoze ngayeka ukwenza lesenzo uma ngisaphila. 
  5. Kumele usheshise ukuwenza lesenzo seKurbaani. Usuku lokuqala lunesibusiso kakhulu kunosuku lwesbili futhi ukwenza IKurbaani esukwini lwesbili kunesibusiso kakhulu kunosuku lwesthathu.

عن جابر بن عبد الله رضي الله عنهما قال: شهدت مع النبي صلى الله عليه وسلم الأضحى بالمصلى فلما قضى خطبته نزل عن منبره فأتي بكبش فذبحه رسول الله صلى الله عليه وسلم بيده وقال: بسم الله والله أكبر هذا عني وعمن لم يضح من أمتي

UHadrat Jaabir (radiallahu anhu) ubika uthi, “Ngangikhona noRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) kwiEidgaah (endaweni lakwenzelwa khona iSalaah yeEid) ngenkathi uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) eqeda ikhuthba (intshumayelo), wahlika kwiMimbar (indawo ephakeme yokwethula intshumayelo), kwalethwa isiklabhu kuye, uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wasihlinza yena ngezandla zakhe esho iTakbeer (ukuthi Allahu Akbar) ethi le iKurbaani yami nalaba abangakwazi ukuzenzela iKurbaani (ngidlulisela isibusiso saleKurbaani kusizwe sami) (Tirmizi)

About admin

Check Also

AmaSunnat Nendlela yokwenza IKurbaani – 3

12. Kuvumelekile ukuthi owesifazane azihlabele isilwane sakhe kodwa 13. Ungasihlabi isilwane ngaphambili kwezinye izilwane. 14. …