Ukusho IDurood Uma Uvukela ISalaah YeTahajjud

عن عبد الله بن مسعود قال يضحك الله إلى رجلين رجل لقي العدو وهو على فرس من أمثل خيل أصحابه فانهزموا وثبت فإن قتل استشهد وان بقي فذلك الذي يضحك الله إليه ورجل قام في جوف الليل لا يعلم به أحد فتوضأ فأسبغ الوضوء ثم حمد الله ومجده وصلى على النبي صلى الله عليه وسلم واستفتح القرآن فذلك الذي يضحك الله إليه يقول انظروا إلى عبدى قائما لا يراه أحد غيري (عمل اليوم والليلة، الرقم: 867، وسنده صحيح كما في القول البديع صـ 376)

UHadrat Abdullah bin Mas’ood wathi, “UAllah uyajabula ngabantu ababili. Owokuqala ilo obhekene nesitha (empini) egibele ihhashi elihle kakhulu kunabangane bakhe. Abangane bakhe banqotshwe yena aqhubeke ngobuqhawe nokuphikelela. Uma ebulewe uthola iskhundla sokufela ukholo (ishahaada), uma ephila uAllah uyajabula ngaye. Umuntu wesbili osukuma phakathi nobusuku (ngaphambili kaAllah enze iTahajjud) ngaphandle kokuthi kube khona owaziyo ukuthi uvukile wenza iSalaah. Wenza iSalaah neWuzu ephelele emvakwalokho udumisa uAllah aphinde athumele iDurood KuRasullullah (sallallahu alaihi wasallam). Aqalise ukuhaya iKuraan. UAllah uyajabula ngalomuntu. UAllah ukhuluma ngaye athi, “buka isgqila sami simile (kwiSalaah) lapho akekho ombonayo ngaphandle kwami.”‘
UHadrat Waa’il Ugunda Izinwele Zakhe
UHadrat Waa’il bin Hujar (radiallahu anhu) uthi :
Ngake ngavakashela URasullullah (sallallahu alaihi wasallam) ngenkathi izinwele zami zasekhanda zizinde okungajwayelekile, washo lamazwi, “Zubaab, Zubaab” (kuchaza okubi). Ngase ngicabanga ukuthi uqonde izinwele zami. Ngabuyela ekhaya, ngasi ngizigunda izinwele zami ngokushesha.
Ngosuku olulandelayo ngamvakashela futhi, wase ethi kimi, “Benginga qondile izinwele zakho izolo ngenkathi ngisho lamazwi . Kodwa kuhle ukuthi uzigundile izinwele zakho.”
Lesenzo saleliSahaabi sikhombisa uthando oluyiqiniso ayenalo laRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) enhlizweni yakhe. Ngenkathi ebona engathi izinwele zakhe ezinde azimthokozisi uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) washesha wayo gunda izinwele zakhe. Umuntu sengacabanga ukuthi uma izinga lothando labo laRasullullah lalu kade lungaka, kwakungezeka yini ukuthi baphule umthetho waRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) noma bangayilandeli iSunnah yakhe ebusisekile?

About admin

Check Also

Ubuhle Obukhulu Bokusho IDurood Ngosuku LweJumuah

عن أوس بن أوس رضي الله عنه قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم …