Isahluko Sokuqala Iziyalo Zokungaqikeleli Ukuzihlanza Emuva Kokuzikhulula

Hadith Yokuqala:

عن أبي هريرة رضي الله عنه قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم أكثر عذاب القبر من البول (المستدرك على الصحيحين للحاكم، الرقم: ٦٥٣)[1]

UHadhrat Abu Hurairah (sengathi uAllaah angagculiseka nguye) ubika ukuthi uRasulullah (ukuthula kube kuye) wathi: “Izijeziso eziningi (eziyotholwa abantu abaningi) ethuneni zezomchamo (ukungaqikeleli amaconsi nokuwuhlambulula, lokho kuholele kwiwudhu, umkhuleko nokunye nje ukukhonza okuyize ngenxa yokuba sesimweni sokungcola)”.

Hadith Yesibili:

عن أنس رضي الله عنه قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم تنزهوا من البول فإن عامة عذاب القبر من البول (الترغيب والترهيب، الرقم: ٢٥٨)[2]

UHadhrat Anas (sengathi uAllaah angagculiseka nguye) ubika ukuthi Rasulullah (ukuthula kube kuye) wathi: “Gwemani umchamo (ukuthelwa ngamaconsi awo), ngoba ngempela izijeziso eziningi (kwiningi labantu) ethuneni zezomchamo”.

Hadith Yesithathu:

عن أبي أمامة رضي الله عنه عن النبي صلى الله عليه وسلم قال اتقوا البول فإنه أول ما يحاسب به العبد في القبر (الترغيب والترهيب، الرقم: ٢٦٥)[3]

UHadhrat Abu Umaamah (sengathi uAllaah angagculiseka nguye) ubika ukuthi uRasalullah (ukuthula kube kuye) wathi: “Gwema amaconsi omchamo (uma uzikhulula), ngoba ngempela kuyinto yokuqala isikhonzi esiyakujeziselwa yona ethuneni”.

Hadith Yesine:

عن ابن عباس رضي الله عنهما قال مر النبي صلى الله عليه وسلم بقبرين فقال إنهما ليعذبان وما يعذبان في كبير أما أحدهما فكان لا يستتر من البول وأما الآخر فكان يمشي بالنميمة (صحيح البخاري، الرقم: ٢١٨)

UHadhrat Ibn Abbaas (sengathi uAllaah angagculiseka nguye) ubika ukuthi kwathi uRasulullah (ukuthula kube kuye) edlula emathuneni amabili wathi : “Abaphakathi kulamathuna bayajeziswa, futhi abajeziselwa isono esikhulu (okulukhuni ukusigwema).Oyedwa wabo akaqikelelanga amaconsi omchamo. Omunye yena ubethutha izindaba (lokho obekuqhatha kudala izinxushu-nxushu kubantu)”.


[1] هذا حديث صحيح على شرط الشيخين ولا أعرف له علة ولم يخرجاه وله شاهد من حديث أبي يحيى القتات

قال الذهبي في التلخيص: على شرطهما ولا أعلم له علة وله شاهد

[2] قال المنذري: رواه الدارقطني وقال المحفوظ مرسل

[3] قال المنذري: رواه الطبراني في الكبير أيضا بإسناد لا بأس به

About admin

Check Also

Indlela EyiSunnah Yokusho IIkaamah

1. Yisho iIkaamah ngeHadr (ngokusho amagama ngendlela esheshayo). عن جابر رضي الله عنه أن رسول …