Ukuzikhulula Nokuzihlanza

Ukubaluleka Kwenhlanzeko

I- Islam iyinkolo yobumsulwa nenhlanzeko epheleleyo. I- Islam igcizelela ukuqikelelwa kobumsulwa nenhlanzeko kuyo yonke imikhakha yempilo. URasulullah Sallallaho alaihe wasallam wathi:

الطهور شطر الإيمان

“Inhlanzeko iyingxenye yokholo”[1]

I- Islam iphelelisile ngokusihola nokusikhombisa indlela yokuzigcina sihlanzekile ngaphakathi nangaphandle. Njenganalokho siyalelwe ukuzigcina sihlanzekile emzimbeni nasemlonyeni, siyalelwe futhi ukuzigcina sihlanzekile emphefumlweni ngokuthi sigweme izono zenhliziyo nezengqondo okuwumona, ukuzithwala, umhobholo kanye nokunye. Allah Ta’ala uthi kwiQur’an engcwele:

قَدْ اَفْلَحَ مَنْ تَزَكّٰى

“Lowo ogcina ingaphakathi lakhe lihlanzekile uyophumelela “[2]

Uma ubheka amagatsha omthetho we- Islam (Shariah) okuwukuzihlanza emva kokuzikhulula, ukuzihlambulula phambi komthandazo, ukuhlanza umlomo nge MISWAAK uma uvuka, umlomo unuka noma ulala, ukugeza umzimba uma ungena kwi Ihraam, Jumuah nango Eid ungabona ukuthi i- Islam ingefaniswe ngezinga lokugcizelela inhlanzeko kuyo yonke imikhakha yempilo. Rasulullah Sallallaho alaihe wasallam wathi:

“Izenzo ezine ezaziyiSunnat yabo bonke abaprofethi (ukuthula kube kubo) yilezi: ukuzithoba, ukugcoba amakha, ukusebenzisa iMiswaak kanye neNIKKAH (umshado).[3]

Uma sicwaninga lezi zenzo ezibalwe kule Hadith engenhla sithola ukuthi bonke bayefana ngokugcina inhlanzeko yangaphakathi nangaphandle.

Kolunye uhlangothi kunemigomo eqinile kanye nezijeziso ezibikiwe kwiHadith zokungagcini inhlanzeko. Uma umuntu eziba inhlanzeko, uba kwisimo sokungcola bese lokho kwenze umthandazo kanye nezinye izenzo zokholo ezidinga inhlanzeko zibe yize. Khonanjalo uma umuntu engaqikeleli inhlanzeko yomlomo nomzimba uzodala ukungakhululeki kwabaseduze naye.


[1] عن أبي مالك الأشعري قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم الطهور شطر الإيمان (صحيح مسلم، الرقم: ٢٢٣)

[2] سورة الأعلى: ١٤

[3] عن أبي أيوب رضي الله عنه قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم أربع من سنن المرسلين الحياء والتعطر والسواك والنكاح (سنن الترمذي، الرقم: ١٠٨٠) قال أبو عيسى: حديث أبي أيوب حديث حسن غريب

About admin

Check Also

Indlela EyiSunnah Yokusho IIkaamah

1. Yisho iIkaamah ngeHadr (ngokusho amagama ngendlela esheshayo). عن جابر رضي الله عنه أن رسول …