Amaphuzu Aqondene Nenyanga Ka Ramadhaan 7

24. Kumele wenze iIftaar (ukuqaqa ukuzila) masinyane umakushone ilanga.

عن سهل رضي الله عنه قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم لا يزال الناس بخير ما عجلوا الفطر (سنن الترمذي، الرقم: 699)

UHazrat Sahl (radiyallahu ‘anhu) ubika ukuthi uRasulullah wathi, “Abantu bayo qhubeka babe nokulunga uma besheshe beqaqe ukuzila ngeskhathi.

عن أبي هريرة رضي الله عنه قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم  قال الله تعالى أحب عبادي إلي أعجلهم فطرا (سنن الترمذي، الرقم: 700)

UHazrat Abu Hurairah (radiyallahu ‘anhu) ubika ukuthi uRasulullah wathi uAllah uthi, “Izinceku ezithandekayo kakhulu emehleweni ami ilezi ezisheshe ziqaqe ukuzila ngeskhathi seIftaar.”

25. Indlela engcono yokuqaqa ukuzila ukudla ikhajoor (isundu). Uma ingekho ikhajoor, ukuphuza amanzi ukona okungcono.

عن سلمان بن عامر قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم إذا أفطر أحدكم فليفطر على تمر فإنه بركة فإن لم يجد تمرا فالماء فإنه طهور (سنن الترمذي، الرقم: 658)

UHazrat Salmaan (radiyallahu ‘anhu) ubika ukuthi uRasulullah (Sallallahu alayhi wasallam) wathi, “Ngeskhathi seIftaar, kumele uqaqe ukuzila ngama khajoor ngoba agcwele izibusiso, uma ungenawo kungcono ukuphuza amanzi azoba indlela yokuzihlanza.

عن أنس قال كان النبي صلى الله عليه وسلم يفطر قبل أن يصلي على رطبات فإن لم تكن فتميرات فإن لم تكن تميرات حسى حسوات من ماء (سنن الترمذي، الرقم: 696)

UHazrat Anas (radiyallahu ‘anhu) ubika ukuthi uRasulullah wayejwayele ukuqaqa ukuzila kwakhe ngama khajoor amasha ngaphambi kokuthi enze iSalaah yeMaghrib. Uma ekade engekho amakhajoor amasha, URasulullah kadee qaqa ukuzila ngama khajoor omile. Kwakuthi uma amakhajoor omile engekho beqaqe ukuzila ngoku habula amanzi.

26. Umuntu kumele asho leDu’a elandelayo uma eqeda ukuqaqa ukuzila:

اَللّٰهُمَّ لَكَ صُمْتُ وَعَلٰى رِزْقِكَ أَفْطَرْتُ فَتَقَبَّلْ مِنِّيْ إِنَّكَ أَنْتَ السَّمِيْعُ العَلِيْم

Ya Allah, kade ngizilele wena kuphela futhi ngesondlo sakho ngiqaqe ukuzila kwami. Ngakho ke yamukela ukuzila wami okusuka kimi. Nguwe olalela konke futhi nguwe owazi konke.

ذَهَبَ الظَّمَأُ وَابْتَلَّتِ الْعُرُوْقُ وَثَبَتَ الْأَجْرُ إِنْ شَاءَ اللّٰهُ

Ukoma kwami sekuphelile, imithambo isimanzi futhi nesibusiso (esiphuma kuAllah) sengisitholile, Insha Allah.

27.Hlalela iItikaaf ezinsukwini eziyishumi zokugcina zika Ramadaan uma ungakwazi ukuhlala.

عن ابن عباس رضي الله عنهما أن رسول الله صلى الله عليه وسلم قال في المعتكف هو يعتكف الذنوب ويجري له من الحسنات كعامل الحسنات كلها (سنن ابن ماجة، الرقم: 2108)

UHazrat Ibnu Abbaas (radiyallahu ‘anhu) ubika ukuthi uRasulullah wathi mayelana nomuntu owenza i’Itikaaf. “Umuntu owenza i’Itikaaf (ukuhlala emasjid) uqhelelana nezono, futhi ngaso sonke isikhathi uthola izibusiso zokwenza imithandazo eyahlukahlukene le ekade engakwazi ukuyenza uma engekho kwi Itikaaf.

عن ابن عباس رضي الله عنهما أن رسول الله صلى الله عليه وسلم قال من اعتكف يوما ابتغاء وجه الله تعالى جعل الله بينه وبين النار ثلاث خنادق أبعد مما بين الخافقين رواه الطبراني في الأوسط والبيهقي واللفظ له (المعجم الأوسط، الرقم: 7326)

UHazrat Ibnu Abbaas (radiyallahu ‘anhu) ubika ukuthi uRasulullah wathi, “Umuntu ohlalela iItikaaf usuku olunye efuna injabulo kaAllah. UAllah uyokwenza phakathi kwakhe nomlilo wase Jahannum imisele emithathu, imisele ngaminye ubude bayo kungangokusuka empumalanga kuyofika entshonalanga.

About admin

Check Also

Indlela EyiSunnah Yokusho IIkaamah

1. Yisho iIkaamah ngeHadr (ngokusho amagama ngendlela esheshayo). عن جابر رضي الله عنه أن رسول …