Ukuthola Ukusondela Okukhethekile Eduze kwa Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam) Ngosuku Lokwahlulela

عن عبد الله بن مسعود أن رسول الله صلى الله عليه وسلم قال: أولى الناس بي يوم القيامة أكثرهم علي صلاة (سنن الترمذي، الرقم: ٤٨٤، وحسنه الإمام الترمذي رحمه الله)

UHazrat Abdullah bin Mas’ood (radhiyallahu anhu) ubika ukuthi uRasulullah (Sallallahu alayhi wasallam) wathi “Umuntu ofanele ukuthola inthelelo yami ngosuku lokwahlulela, umuntu okade ethumela iDurood eningi kimi ngaphezulu kwabanye ngeskhathi esaphila.

Indlela Yokuthola Intethelelo KaRasalullah(sallallahu alayhi wasallam)

UHazrat Qutub Al-Halabi (rahmatullah alayhi) uthi: Ngake ngahlangana noAbu Ishaaq, Ebrahim bin Ali bin Atiyyah At-Taleedami(rahmatullah alayhi) wase wathi kimi, “Ngabusiswa ngokubona uRasulullah (Sallallahu alayhi wasallam) ephupheni. Ngenkathi ngimubona, ngathi kuye, ‘O Sithunywa sika Allah! Ngicela ungicelele intethelelo kuAllah ngosuku lokwahlulela!’ URasulullah (sallallahu alayhi wasallam) waphendula wathi, ‘Thumela iDurood eningi kakhulu kimi. (AlQawlul Badee, pg. 267)

About admin

Check Also

Ukusho IDurood kashumi Ekseni Nantambama

عن أبي الدرداء رضي الله عنه قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: من …