Amaphuzu Aqondene Nenyanga Ka Ramadhaan 8

28. Funa iLailatul Qadir ezinsukwini eziwugweje ezinsukwini eziyishumi zokugcina zika Ramadaan.

عن أنس بن مالك قال دخل رمضان فقال رسول الله صلى الله عليه وسلم إن هذا الشهر قد حضركم وفيه ليلة خير من ألف شهر من حرمها فقد حرم الخير كله ولا يحرم خيرها إلا محروم (سنن ابن ماجه، الرقم: 1644)

UHazrat Anas (radiyallahu anhu) ubika ukuthi ngenkathi kusaqala inyanga kaRamadhaan uRasulullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi, “Ngampela lenyanga (inyanga kaRamadhaan) isifikile kunina, futhi phakathi kulenyanga kunobusuku obubodwa obungcono kunezinyanga eziyizinkulungwane. Ngampela umuntu oncishwe lobubusuku uncishwe konke okuhle futhi abancishwe ngampela bayo ncishwa ubuhle balolusuku”.

29. Ezinsukwini zogweje nyusa izinga lokwenza iIbaadah(ukukhonza). Uma uyolala enza inhloso yokuvuka phakathi nobusuku ukuze wenze enye iIbaadah. Zama ukwenza iIbaadah ngaphambi kokuthi ulale, ngoba kungezeka ukuthi uhluleke ukuvuka phakathi nobusuku wenze iIbaadah.

30. Ngobusuku beLailatul Qadir isho leDu’a elandelayo :

اَللّٰهُمَّ إِنَّكَ عَفُوٌّ تُحِبُّ الْعَفْوَ فَاعْفُ عَنِّيْ

O Allah, Ngampela uwe kuphela othethelayo, uyakuthanda ukuthethela ngakho ke ngicela ungithethelele.

عن عائشة قالت قلت يا رسول الله أرأيت إن علمت أي ليلة ليلة القدر ما أقول فيها؟ قال قولي اللهم إنك عفو تحب العفو فاعف عني (سنن الترمذي، الرقم: 3513)

UHazrat Aisha (radiyallahu anhu) ubika ukuthi ngelinye ilanga wake wabuza uRasulullah (sallallahu alayhi wasallam) ngokuthi uma ethola ubusuku beLailatul Qadir eyiphi iDu’a kumele ayisho. URasulullah (sallallahu alayhi wasallam) wase emfundisa leDu’a elandelayo :

اَللّٰهُمَّ إِنَّكَ عَفُوٌّ تُحِبُّ الْعَفْوَ فَاعْفُ عَنِّيْ

31. Umuntu owenza iSalaah yeEsha neFajar neJamaat aphinde enze iTaraweeh yakhe neImaam, UAllah uzomnika isibusiso sokuma ubusuku bonke beLailatul Qadir, futhi Uma kwenzeka ukuthi lobobusuku ubusuku beLailatul Qadir uzothola izibusiso zeLailatul Qadir.

عن عثمان رضي الله عنه قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم من صلى العشاء في جماعة فكأنما قام نصف الليل ومن صلى الصبح في جماعة فكأنما صلى الليل كله (صحيح مسلم، الرقم: 656)

UHazrat Uthmaan(radiyallahu anhu) ubika ukuthi uRasulullah wathi, “Umuntu owenza iSalaah yeEsha neJamaat (eMasjid), kuba engathi kade enza iIbaadah isgamu sobusuku futhi loyo owenza iEsha neJamaat eMasjid aphinde alandelise iFajar neJamaat, UAllah umnika isbusiso Sokwenza iIbaadah (ukukhonza) ubusuku bonke.

عن أبي ذر: قال … فقام بنا حتى ذهب ثلث الليل ثم لم يقم بنا في السادسة وقام بنا في الخامسة حتى ذهب شطر الليل فقلنا له يا رسول الله لو نفلتنا بقية ليلتنا هذه؟ فقال إنه من قام مع الإمام حتى ينصرف كتب له قيام ليلة (سنن الترمذي، الرقم: 806)

UHazrat Abu Zar (radiyallahu anhu) ubika ukuthi ngosuku lamashumi amabili nanhlanu (25), URasulullah (sallallahu alayhi wasallam) wasithandazisa iSalaah yeTaraweeh kwaze kwadlula isgamu sobusuku. (Sajabula kwaze kwafika isikhathi sokuthi iphele iTaraweeh.) Ngenkathi seqedile ukusithandazisa iTaraweeh, sathi kuye uRasulullah (Sallallahu alayhi wasallam) ‘kungcono ukube usithandazise ubusuku bonke!’ URasulullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi, “Umuntu othandaza iTaraweeh kanye neImaam, uAllah umbhalela isibusiso sokuthandaza ubusuku bonke.”

32.Ngobusuku beEid chitha isikhathi ngokwenza iIbaadah.

عن أبي أمامة رضي الله عنه عن النبي صلى الله عليه وسلم قال من قام ليلتي العيدين محتسبا لم يمت قلبه يوم تموت القلوب (سنن ابن ماجة، الرقم: 1782)

UHazrat Abu Umaamah (radiyallahu anhu) ubika ukuthi uRasulullah wathi, “Umuntu osukuma enze iIbaadah ngobusuku beEid nethemba lokuthola izibusiso, inhliziyo yakhe ngeke ize ife ngosuku lakuzofa khona izinhliziyo.” (Usuku lakuzofa khona izinhliziyo kuchaza isikhathi sefitnah nefasaad, ngenkathi izinhliziyo zabantu zibudedengu ngoAllah, ngalenkathi uAllah uzokwenza Inhliziyo yakhe iphile.)

33. Kumele umuntu azikhuthaze ngokuzila izinsuku eziyisthupha zikaShawwaal.

عن أبي أيوب الأنصاري أن رسول الله صلى الله عليه وسلم قال من صام رمضان ثم أتبعه ستا من شوال كان كصيام الدهر (صحيح مسلم، الرقم: 1164)

UHazrat Abu Ayoob Ansaari (radiyallahu anhu) ubika ukuthi uRasulullah wathi, “Umuntu ozila inyanga kaRamadhaan aphinde alandelise ngokuzila izinsuku eziyisthupha zikaShawwaal, kuyoba engathi uzile unyaka wonke (uzothola isibusiso sokuzila unyaka wonke).

About admin

Check Also

Indlela EyiSunnah Yokusho IIkaamah

1. Yisho iIkaamah ngeHadr (ngokusho amagama ngendlela esheshayo). عن جابر رضي الله عنه أن رسول …