Indlela Yokuhlanzwa Izono

عن أبي هريرة رضي الله عنه عن النبي صلى الله عليه وسلم قال صلوا علي فإنها زكاة لكم واسألوا الله لي الوسيلة فإنها درجة في أعلى الجنة لا ينالها إلا رجل وأرجو أن أكون أنا هو (مسند أحمد، الرقم: 8770، وفي مجمع الزوائد (الرقم: 1877): رواه البزار وفيه داود بن علبة ضعفه ابن معين والنسائي وغيرهما ووثقه ابن نمير وقال موسى بن داود الضبي: حدثنا داود بن علبة وأثنى عليه خيرا وقال ابن عدي: هو في جملة الضعفاء ممن يكتب حديثه)

UHazrat Abu Hurairah (radiyallahu anhu) ubika ukuthi uRasulullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi, “Thumela iDurood kimi, ngoba ngempela kuyindlela yokuzihlanza. Cela uAllah ukuthi anginike isikhundla se “Waseelah” (umkhulumeli), lokho kuyisikhundla ezigabeni eziphezulu eJannah esibekelwe umuntu oyedwa, ngiyethemba ukuthi yimi lowo oyobusiswa futhi ahlonishwe ngalesikhundla.”

Isibusiso SamaHadeeth Angcwele ARasulullah (sallallahu alayhi wasallam).

UHazrat Abu Ahmad, Abdullah bin Bakr bin Muhammad (rahimahullah) wake wathi, “Ulwazi olunezibusiso eziningi kakhulu, olugcwele ulwazi oluphezulu futhi olusiza khakhulu la emhlabeni nakwelizayo, emuva kweKuraan ulwazi lamaHadeeth abusisekile kaRasulullah (sallallahu alayhi wasallam). Umuntu uzozuza izibusiso eziningi kakhulu ngamaHadeeth ngenxa yeDurood eningi ayishoyo uma efunda amaHadeeth angcwele. AmaHadeeth angcwele kaRasulullah (sallallahu alayhi wasallam) afana nensimu yezithelo nezingadi la uthola khona yonke inhlobo yobuhle, ukulunga neZikar. (AlQawlul Badee, pg. 287)

About admin

Check Also

Ukusho IDurood kashumi Ekseni Nantambama

عن أبي الدرداء رضي الله عنه قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: من …