Ukulondoloza Injabulo KaAllah

 عن عائشة قالت قال رسول الله صلى الله عليه وسلم من سره أن يلقى الله وهو عليه راض فليكثر الصلاة علي (الكامل في ضعفاء الرجال 6/32، وإسناده ضعيف كما في القول البديع صـ 267)

UHazrat Aaisha (radiyallahu anhu) ubika ukuthi uRasulullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi, “Umuntu ofisa ukuhlanga noAllah esimweni sokuthi uAllah ujabulile ngaye kumele athumele iDurood kimi.”

Inzuzo Yokusho IDurood Eyizinkulungwane Ngolwesihlanu.

UHazrat Abu Abdur Rahmaan Al-Muqri (rahmatullah alayhi ) ubika ukuthi ngenkathi uKhallaad bin Katheer (rahmatullah alayhi) esezophefumula kokugcina (esezoshona), ngaphansi kwesicamelo sakhe kwatholakala iphepha elali bhalwe ukuthi :

هٰذِهِ بَرَاءَةٌ مِنَ النَّارِ لِخَلَّادِ بْنِ كَثِيْرٍ

Lesi isitifiketi sika Khallaad bin Katheer senkululeko emlilweni wase Jahannum.

Abantu base bebuza umkakhe ukuthi ngasiphi isenzo ethole isibusiso esihle kangaka. Waphendula wathi, “Wazijwayeza ukusho leDurood elandelayo izikhathi eziyinkulungwane njalo ngoLwesihlanu.

اَللّٰهُمَّ صَلِّ عَلٰى مُحَمَّدٍ النَّبِيِّ الْأُمِّيِّ

O Allah, thumela iDurood yakho ekhethekile kumphrofethi Muhammad (sallallahu alayhi wasallam). (Tabaqaatul Muhaditheen 2/345)

About admin

Check Also

Ukusho IDurood kashumi Ekseni Nantambama

عن أبي الدرداء رضي الله عنه قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: من …