Indlela eyisunnah yokusebenzisa iMiswaak

1. Indlela yokubamba iMiswaak ukuthi umuntu abeke isthupha nocikcane ngaphansi kweMiswaak bese eminye iminwe ibe ngenhla kweMiswaak.

2. Bamba iMiswaak ngesandla sokudla bese uqale ukuhlanza amazinyo ngecala lwesokudla.

3. Xubha amazinyo usuke kuhlangothi elilodwa uye kwelinye bese uhlanza ulwimi kusukela phansi uyephezulu.

عن أبي موسى رضي الله عنه قال دخلت على رسول الله صلى الله عليه وسلم وهو يستاك وهو واضع طرف السواك على لسانه يستن إلى فوق فوصف حماد كأنه يرفع سواكه قال حماد ووصفه لنا غيلان قال كان يستن طولا (مسند أحمد، الرقم: 19737)

UAbu Moosa (radiyallahu anhu) uthi, “Ngake ngaya kuRasulullah (ukuthula makube kuye) ngenkathi esebenzisa iMiswaak ngathola ukuthi uhlanza ulwimi lakhe olungcwele ngokusukela phansi eyephezulu.

عن عطاء بن أبي رباح رحمه الله قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم إذا شربتم فاشربوا مصا وإذا استكتم فاستاكوا عرضا (التلخيص الحبير 1/96)

Uhazrat Ataa bin abi rabaah (radiyallahu anhu) uthi uRasulullah (ukuthula makube kuye) wathi, “Uma uphuza isphuzo, habula (qaphela ukuminya konke ngeskhathi esisodwa) futhi uma usebenzisa iMiswaak, xhubha amazinyo ngokusuka kuhlangothi elilodwa uye kwelinye.”

4. Uma uqeda ukusebenzisa iMiswaak ihlanze bese uyibeke uyibhekise phezulu.

About admin

Check Also

Indlela EyiSunnah Yokusho IIkaamah

1. Yisho iIkaamah ngeHadr (ngokusho amagama ngendlela esheshayo). عن جابر رضي الله عنه أن رسول …