Ukulondoloza IDu’a KaRasulullah (sallallahu alayhi wasallam)

عن أنس بن مالك قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: من صلى علي بلغتني صلاته وصليت عليه وكتبت له سوى ذلك عشر حسنات (المعجم الأوسط للطبراني، وسنده لا بأس به كما القول البديع صـ 239)

UHazrat Anas bin Maalik (radiyallahu anhu) ubika ukuthi uRasulullah (Sallallahu alayhi wasallam) wathi, “Umuntu othumela iDurood kimi kanye, IDurood yakhe iza kimi (ildluliswa izingilosi) bese mina ngimenzela IDu’a futhi ngaphezu kwalokho ubhalelwa izibusiso eziyishumi.”

Umbhali Wencwadi IDalaa’lul Khairaat

Kubikwe ngombhali weDalaa’ilul Khairaat ukuthi wake waba nohambo, phakathi nohambo lakhe wase edinga amanzi okwenza iWudhu. Kamuva wase ebona umthombo wamanzi kodwa ngenxa yokungabiko kwentabo nebhakede wahluleka ukukha amanzi. Wase ekhathazeka ngoba wayekade efuna ukufunda iSalaah.

Esamile kulesosimo kwaqhamuka intombazanyana kuye yase imbuza ukuthi yini edala ukukhathazeka, wase echaza isimo sakhe Kuyo. Ngokuphazima kweso lentombazane yase ithifela emtombeni amanzi ase ezikhuphukela aze afikela emlomeni womthombo.

Ngenkathi ebona lesimangaliso esenziwe ilentombazane wase eyibuza ukuthi, “usenze kanjani lesi mangaliso?” yase iphendula, “lokhu kwenzeka ngenxa yezibusiso zeDurood engiythumela kurasulullah (sallallahu alayhi wasallam).” Iso lesimangaliso eaamshukumisa ukuthi abhale lencwadi IDalaa’lul Khairaat. UAllamah Zardaq(rahimahullah) ubika ukuthi ngokushona kombhali weDalaa’ilul Khairaat, kwakuba nephunga lamakha elimnandi elali qhamuka ethuneni lakhe. Lokhu kwaku ngenxa yezibusiso zeDurood. (Muqaddamah- Dalaailul Khairaat pg. 14)

About admin

Check Also

Ukusho IDurood kashumi Ekseni Nantambama

عن أبي الدرداء رضي الله عنه قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: من …