Indlela eyisunnah yokusebenzisa iMiswaak – 2

5.Uma ingekho iMiswaak iminwe ingasetshenziswa endaweni yayo.

عن أنس رضي الله عنه قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم يجزئ من السواك الأصابع (التلخيص الحبير 1/104)

UHazrat Anas (radiyallahu anhu) uthi uRasulullah (Sallallahu alayhi wasallam ) wathi, “Iminwe ingasebenza njenge Miswaak. (Uma iMiswaak ingekho).

6. IMiswaak akumele idlule ubude besandla futhi ubukhulu bayo kumele kulingane nobukhulu bocicane.

7. Noma oluphi uthi lungasetsheziswa ukuhlanza umlomo olungeyona ingozi. Lungasetshenziswa njenge miswaak. IMiswaak enhle iphuma esihlahleni ekuthiwa “ipeelu” bese Kuba esezinhlawathi.

About admin

Check Also

Indlela EyiSunnah Yokusho IIkaamah

1. Yisho iIkaamah ngeHadr (ngokusho amagama ngendlela esheshayo). عن جابر رضي الله عنه أن رسول …