Ukulekelelwa Ebrijini leSiraat(ibriji elihamba ngaphezulu kweJahannum)

عن عبد الرحمن بن سمرة قال: خرج رسول الله صلى الله عليه وسلم فقال: إني رأيت البارحة عجبا… ورأيت رجلا من أمتي يزحف على الصراط مرة ويجثو مرة ويتعلق مرة فجاءته صلاته علي فأخذت بيده فأقامته على الصراط حتى جاوز (الأحاديث الطوال للطبراني صـ 273، وإسناده ضعيف كما في مجمع الزوائد، الرقم: 11764)

UHazrat Abdur Rahmaan bin Samurah uthi “Ngelinye ilanga URasulullah (sallallahu alayhi wasallam) weza kuthina wathi, “Izolo ebusuku ngibe nephupho elimangalisayo. Ngibone umuntu weUmmah (isizwe) yami ewela ibriji leSiraat (ibriji elihamba ngaphezulu kweJahannum). Ngesinye isikhathi ubekhasa, aphinde azidonse ngomuva wakhe, kwesinye isikhathi ubelenga kulo lelibriji (ecishe awele eJahannum). Kungazelelwe, IDurood yakhe le ekade eyisho kimi esaphila emhlabeni yeza kuye, yase imbamba isandla, yamulekelela ukuthi asukume awele.”

Incwadi IAl-Qawlul Badee

UAllaamah Sakhaawi (rahmatullah alayhi) uthi: Kunomfundi othembekile ebafundini baSheikh Raslaan (rahmatullah alayhi) owangtshela ukuthi uRasulullah (sallallahu alayhi wasallam) waqhamuka ephupheni lakhe bese incwadi iAl-Qawlul Badee’ (incwadi eningiliziwe emayelana neDurood elotshwe uAllamah Sakhaawi (rahmatullah alayhi) yethulwa kuye uRasulullah wayamukela.

Lokhu kwangijabulisa kakhulu futhi ngiyethemba ukuthi uAllah noRasulullah (sallallahu alayhi wasallam) bazoyamukela, futhi ngizovuza ngayo kakhulu emhlabeni yombili. Ngakho ke ngiyanigqugquzela ukuthi niqhubeke nokusho iDurood kuRasulullah (sallallahu alayhi wasallam) ngokuyiqiniso, ngoba ngempela iDurood yenu iyafinyelela kuRasulullah ethuneni lakhe elibusisekile, futhi Igama lakho lithathwa khona. (Al Qawlul Badee pg. 347)

About admin

Check Also

Ukusho IDurood kashumi Ekseni Nantambama

عن أبي الدرداء رضي الله عنه قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: من …