Izikhathi Lakumele Kusetshenziswe IMiswaak

1. Uma uvuka.

عن عائشة رضي الله عنها أن النبي صلى الله عليه وسلم كان لا يرقد من ليل ولا نهار فيستيقظ إلا تسوك قبل أن يتوضأ (سنن أبي داود، الرقم: 57)

UHazrat Aaisha (radiyallahu anha) ubika ukuthi, “Njalo uma uRasulullah (sallallahu alayhi wasallam) evuka ebuthongweni bakhe, nokuba isebusuku noma emini, waye sebenzisa iMiswaak ngaphambi kokwenza iWudhu.”

Kumele kube emqondweni ukuthi ukusebenzisa iMiswaak uma uvuka ebuthongweni kuyiSunnah ehlukile futhi ukusebenzisa iMiswaak ngeskhathi seWudhu kuyiSunnah ehlukile. Kepha ke uma umuntu evuka ebuthongweni enganayo inhloso yokwenza iWudhu (njegomuntu wesmame oseskhathini), kumele asebenzise iMiswaak uma evuka. Kodwa uma enza iWudhu masinyane futhi asebenzise iMiswaak kuleyo wudhu kulungile. Ukusebenzisa iMiswaak kuleyo wudhu kuyomela womabili amaSunnah.

2. Uma ungena endlini.

عن عائشة رضي الله عنها أن النبي صلى الله عليه وسلم كان إذا دخل بيته بدأ بالسواك (صحيح مسلم، الرقم: 253)

UHazrat Aaisha (radiyallahu anha) ubika ukuthi, “Njalo uma uRasulullah (Sallallahu alayhi wasallam) engena endlini yakhe, wayekade esebenzisa iMiswaak.

3. Ngaphambi Kokufunda iKuraan.

عن علي بن أبي طالب رضي الله عنه قال إن أفواهكم طرق للقرآن فطيبوها بالسواك (سنن ابن ماجة، الرقم: 291)

Kubikwe ukuthi uHazrat Ali (radhiyallahu anhu) wathi,”Impela imilomo yenu iyimhubhe yeKuraan( imilomo yenu Isetshenziswa ukuhaya iKuraan).Ngakho ke hlanzani imilomo yenu ngokusebenzisa iMiswaak.”

About admin

Check Also

Indlela EyiSunnah Yokusho IIkaamah

1. Yisho iIkaamah ngeHadr (ngokusho amagama ngendlela esheshayo). عن جابر رضي الله عنه أن رسول …