Ukuthola Ubuhle Lakusuka Khona

عن أبي هريرة قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: من قرأ القرآن وحمد الرب وصلى على النبي صلى الله عليه وسلم واستغفر ربه فقد طلب الخير مكانه (شعب الإيمان، الرقم: 2084، وسنده ضعيف كما في القول البديع صـ 280)

UHazrat Abu Hurairah (radiyallahu anhu) ubika ukuthi uRasulullah (Sallallahu alayhi wasallam) wathi, “Lo ofunda iKuraan, adumisa uAllah, athumele iDurood kuRasulullah (Sallallahu alayhi wasallam) aphinde acele intethelelo kumdali wakhe uthole ubuhle lakusuka khona Impela (kuchaza ukuthi wenze izenzo ezimlethela ubuhle).”

Qaseeda Burdah

UAllaamah Busairi (rahmatullah alayhi) waye kade eyisazi nenceku yeDeen, ngenkathi esaphila waba nesifo sonhlangothi(stroke), wase ebhala izikondlo (Qaseedah Burdah) ngethemba lokuthi lezinkondlo zothando nokudumisa uRasulullah (Sallallahu alayhi wasallam) ziyodala ukuthi kube yindlela yakhe yokuthi athole umusa kaAllah futhi athole ikhambi lokwelapha isifo sakhe.

Ngobunye ubusuku wase ebona uRasulullah (Sallallahu alayhi wasallam) ephupheni wase ethula lezinkondlo zothando phambi kwaRasulullah (sallallahu alayhi wasallam) . URasulullah (sallallahu alayhi wasallam) wase ebeka isandla sakhe esibusisiwe phezu kwakhe ngenkathi evuka ekuseni wase elaphekile esekwazi ukuhamba.

About admin

Check Also

Ukusho IDurood kashumi Ekseni Nantambama

عن أبي الدرداء رضي الله عنه قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: من …