Izikhathi Lakumele Kusetshenziswe IMiswaak – 3

5. Uma amazinyo seguquke umbala noma sekuphuma iphunga elibi emlomeni.

عن جعفر بن أبي طالب رضي الله عنه عن النبي صلى الله عليه وسلم أنه قال ما لي أراكم تدخلون علي قلحا استاكوا ولولا أن أشق على أمتي لأمرتهم أن يستاكوا عند كل صلاة (كتاب الآثار، الرقم: 41)

Kubikwe kusukela kuHazrat Ja’far (radiyallahu anhu) ukuthi ngelinye ilanga uRasulullah (sallallahu alayhi wasallam) wethula inkulumo kubantu abathile ethi, “Ikephi inkinga yenu yokuthi niza kumina esimweni sokuthi ngibona amazinyo wenu enombala ophuzi (engcolile)? Ngiyaniluleka ukuthi nihlanze amazinyo wenu ngeMiswaak.” Wase uRasulullah (Sallallahu alayhi wasallam) ethi, “Ukuba bengisabeli isizwe sami ubunzima, bengizoba laya (bekuzo phoqeleka) ukuthi basebenzise iMiswaak ngaso sonke isikhathi sokwenza iWudhu (ngakho ke, ukusebenzisa iMiswaak akuphoqelekile kodwa kuyiSunnah egcizeleliwe).”

عن عبد الله بن بشر المازني رضي الله عنه قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم قصوا أظافيركم وادفنوا قلاماتكم ونقوا براجمكم ونظفوا لثاتكم من الطعام وتسننوا ولا تدخلوا علي قخرا بخرا (نوادر الأصول تحت الأصل التاسع والعشرين في باب النظافة)

UHazrat Abdullah bin Bishr (radiyallahu anhu) ubika ukuthi uRasulullah wathi, “Nquma izinzipho zakho uzilahle ngokuzembela umgodi, hlanzisisa amalunga omzimba, qinisekisa ukuthi izinsini zakho azincoliswa ukudla, sebenzisa iMiswaak futhi ungazi kimi esimweni sokuthi ngibona amazinyo wenu enombala ophuzi, nemilomo yenu inephunga elibi.”

6. Ngaphambili kokudla, nokuqeda ukudla.

عن أبي هريرة رضي الله عنه أن رسول الله صلى الله عليه وسلم قال إن كان قاله لولا أن أشق على أمتي لأمرتهم بالسواك مع الوضوء وقال أبو هريرة رضي الله عنه لقد كنت أستن قبل أن أنام وبعد ما أستيقظ وقبل ما آكل وبعد ما آكل حين سمعت رسول الله صلى الله عليه وسلم يقول ما قال (مسند أحمد، الرقم: 9194)

UHazrat Abu Hurairah (radiyallahu anhu) ubika ukuthi uRasulullah (Sallallahu alayhi wasallam) wathi, futhi ngempela washo kanje, “Ukuba bengingasabeli isizwe sami ukuthola ubunzima, bengizobayala ukuthi basebenzise iMiswaak ngaso sonke isikhathi sokwenza iWudhu (kodwa ukusebenzisa iMiswaak akuphoqelekile kodwa kuyiSunnah egcizeleliwe).” Ngesizathu sokuthi uRasulullah (Sallallahu alayhi wasallam) egcizelela ukusebenzisa iMiswaak, ngazijwayeza umkhuba wokusebenzisa iMiswaak ngaphambi kokuthi ngiyolala, ekuvukeni, ngaphambi kokuthi ngidle, futhi ekuqedeni ukudla.”

7. Uma umuntu esezwa izinhlungu zokufa.

عن عائشة رضي الله عنها قالت دخل عبد الرحمن بن أبي بكر ومعه سواك يستن به فنظر إليه رسول الله صلى الله عليه وسلم فقلت له أعطني هذا السواك يا عبد الرحمن فأعطانيه فقصمته (وفي رواية وطيبته) ثم مضغته فأعطيته رسول الله صلى الله عليه وسلم فاستن به وهو مستند إلى صدري (صحيح البخاري، الرقم: 890)

UHazrat Aaisha (radiyallahu anha) ubika ukuthi ngenkathi uRasulullah (Sallallahu alayhi wasallam) esezoshona ubhutwami, UAbdur Rahmaan wangena ekamelweni neMiswaak ekade eyisebensiza ukuhlanza amazinyo akhe. Amehlo abusisekile kaRasulullah (sallallahu alayhi wasallam) ase ebona leMiswaak (kodwa ngenxa yokungabiko kwamandla, wahluleka ukuyicela iMiswaak. Ngabona ukuthi uRasulullah (Sallallahu alayhi wasallam) ufisa Ukusebenzisa iMiswaak ngalesosikhathi), ngase ngithi kubhutwami, ‘O Abdur Rahmaan, ngiboleke iMiswaak yakho.’ Ngase ngiythatha kuye, ngasusa ucezu (ngayihlanza, ngayithambisa) bese ngayinika uRasulullah (Sallallahu alayhi wasallam). URasulullah (Sallallahu alayhi wasallam) wayisebenzisa encike esifubeni sami.”

About admin

Check Also

Indlela EyiSunnah Yokusho IIkaamah

1. Yisho iIkaamah ngeHadr (ngokusho amagama ngendlela esheshayo). عن جابر رضي الله عنه أن رسول …