Isibusiso Somuntu Osho IDurood Uma ezwa Igama Elibusisekile Lika Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam)

عن أنس بن مالك قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: من ذكرت عنده فليصل علي فإنه من صلى علي مرة صلي عليه عشرا (المعجم الأوسط للطبراني، الرقم: 2767، ورجاله رجال الصحيح كما في القول البديع صـ 237)

UHazrat Anas bin Maalik ubika ukuthi uRasulullah wathi, “Umuntu okhona lakuthathwa khona igama lami kumele athumele iDurood kimi, futhi ngempela umuntu othumela iDurood kimi kanye, uAllah uthumela kuye izibusiso eziyshumi.

Indaba Ka Sayyid Ahmad Rifaa’ee

USayyid Ahmad Rifaa’ee waye kade eyinceku edumile kwiIslaam. Ngonyaka ka 555 A.H wahamba eyowenza iHaj. Emuva kwalokho wavakashela eMadinah Munawwarah, wathi esamile ngaphambili kwethuna elibusisekile lika Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam), washo lamazwi alandelayo:

في حالة البعد روحي كنت أرسلها   تقبل الأرض عني فهي نائبتي

وهذه نوبة الأشباح قد حضرت   فامدد يمينك كي تحظى بها شفتي

Ngisukela kude ngithumela umphefumulo wami
Ngizokubingelela ngokwami endaweni yakho yokuphumula
Manje sengikhona, O Rasulullah nomzimba wami Ngizokubingelela
Khipha isandla sakho ukuze izindebe zami zizokuqabula

Ngokusho lamazwi, isandla esibusisekile sika Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam) savela sisukela ethuneni bese phakathi kwabantu abafinyelela ku 90000, USayyid Rifaa’ee wase esiqabula isandla. Bonke bathola inhlanhla yokubona isandla sika Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam) futhi phakathi kwabo owaye khona usheikh Abdul Qadir Jeelaani (rahimahullah). (Al Haawi lil fataawa 2/314)

About admin

Check Also

Ukusho IDurood kashumi Ekseni Nantambama

عن أبي الدرداء رضي الله عنه قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: من …