Ukuthola IDua’a Ekhethekile Yezingilosi

عن عامر بن ربيعة رضي الله عنه عن النبي صلى الله عليه و سلم قال: ما من مسلم يصلي علي إلا صلت عليه الملائكة ما صلى علي فليقلَّ العبد من ذلك أو ليكثر (سنن ابن ماجة، الرقم: 907، وإسناده ضعيف كما في مصباح الزجاجة 1/112)

UHazrat Aamir bin Rabee’ah (radiyallahu anhu) ubika ukuthi uRasulullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi, “Umuntu othumela iDurood kimi, izingilosi zithumela kuye izikhonzo ngokuphindelela (zimenzela IDu’a) ngalesosikhathi ethumela iDurood. Ngakho ke sekusele kumuntu ukuthi ufisa ukuthumela iDurood encane noma eningi.

Isibusiso Sokubhala u “sallallahu alayhi wasallam”

UHasan bin Muhammad (rahimahullah) uthi:

Ngake ngabona uImaam Ahmad bin Hambal (rahimahullah) ephupheni. Wase ethi kimi, “Ukube uyakwazi ukuzi bonela ngamehlo akho izibusiso ezinkulu ezicwebezela ngaphambili kwethu esibekelwe ababhala IDurood kuRasulullah (sallallahu alayhi wasallam) ezincwadini zabo.”

Isaziso: Uma ubhala igama lika Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam) kufanele ubhale u”sallallahu alayhi wasallam” ngokuphelele ngesiArabu noma ngesingisi. Akulungile ukubhala ngesifinyezo njengokubhala o “SAW noma PBUH njll., ngoba lokho akukhombisi inhlonipho kuRasulullah (sallallahu alayhi wasallam).

About admin

Check Also

Ukusho IDurood kashumi Ekseni Nantambama

عن أبي الدرداء رضي الله عنه قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: من …