Ubuhle Buka Muazzin (umuntu osho iAzaan) – 5

9. Kwakuyisifiso SamaSahabaah ukuthi asho iAzaan futhi babethanda nokuthi izingane zabo zisho iAzaan
Ngezansi amanye amaHadeeth akhombisa ukulangazelela kwama Sahaabah ukuthi asho iAzaan:

a) Ukulangazelela kuka Ali (radhiyallahu anhu) ukuthi uHazrat Hassan noHazrat Hussain basho iAzaan:

عن علي رضي الله عنه قال ندمت أن لا أكون طلبت إلى رسول الله صلى الله عليه وسلم فيجعل الحسن والحسين مؤذنين (مجمع الزوائد، الرقم: 1836)

Kubikwe ukuthi uHazrat Ali (radhiyallahu anhu) wathi, “Ngiyazisola ngokuthi angisenzanga isicelo kuRasullulah (salallahu alayhi wasallam) ukuthi aqoke amadodana ami, UHassan noHusain ukuthi babe basho iAzaan.”
b) Ukulangazelela kuka Umar (radhiyallahu anhu) ukusho iAzaan:

عن قيس بن أبي حازم قال قدمنا على عمر بن الخطاب فسأل من مؤذنكم فقلنا عبيدنا وموالينا فقال بيده هكذا يقلبها عبيدنا وموالينا إن ذلكم بكم لنقص شديد لو أطقت الأذان مع الخلافة لأذنت (السنن الكبرى للبيهقي، الرقم: 2002)

UQais bin Abi Haazim (rahmatullah alayh) uyabika uthi, “Ngelinye ilanga, sake sayohlangana (eMadinah Munawwarah) noUmar (radhiyallahu anhu). Ngenkathi sikhuluma naye, wase ebuza kuthina, “Ubani osho iAzaan la enihlala khona?’ Saphendula sathi, “Siqoke izigqila zethu ukuze zisho iAzaan.’ U-Umar (radhiyallahu anhu), enyakazisa izandla zakhe (ngoku mangala, wase ephinda amazwi ethu) ethi, ‘Siqoke izigqila zethu ukuthi zisho iAzaan.” Wase ethi, “Lokho kuyiphutha elikhulu enilenzile ( ngokuthi niqoke abantu abangenalo ulwazi leDeen ukuthi basho iAzaan), (IAzaan iyiIbaadah (iyisenzo sokholo) ebalulekile kakhulu futhi izibusiso zayo ziningi ngalendlela yokuthi ukube bengikwazi ukusho iAzaan kanye kanye nokwenza umsebenzi wokuhola amaMuslim, ngempela bengizothatha isikhundla sokuba UMuazzin, ukuze ngisho iAzaan.”‘

About admin

Check Also

Indlela EyiSunnah Yokusho IIkaamah

1. Yisho iIkaamah ngeHadr (ngokusho amagama ngendlela esheshayo). عن جابر رضي الله عنه أن رسول …