Indlela Yokukhanya Ngosuku Lokwahlulela

عن ابن عمر رضي الله عنهما قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم زينوا مجالسكم بالصلاة علي فإن صلاتكم علي نور لكم يوم القيامة (الفردوس بمأثور الخطاب، الرقم: ٣٣٣٠، وإسناده ضعيف كما في القول البديع صـ 278)

UHazrat Ibnu Umar (radhiyallahu anhu) ubika ukuthi uHazrat Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi, “Hlobisani imihlangano yenu ngokusho iDurood kimi, ngoba ngosuku lokwahlulela kuyoba indlela yokuzikhanyisela.”
Ukongeza u’Salaam’ kwiDurood
UHazrat Abu Sulaimaan Harraani (rahmatullahi alayh) uthi:
Ngake ngabona uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ephupheni, wase ethi kimi, “O Abu Sulaimaan, uma ubhala amaHadeeth, ngibona ukuthi njalo uma ubona igama lami waneliswa u’Salaat’ kuphela, awuthumeli u’Salaam’ kimi. Igama elithi ‘salaam’ linezinhlamvu ezine (ngesiArabhu), inhlamvu nenhlamvu uthola izibusiso eziphindwe izihlandla eziyishumi (10). kungani ulahla izibusiso eziwu(40)?” (Alqawlul Badee pg. 488)

About admin

Check Also

Ukusho IDurood kashumi Ekseni Nantambama

عن أبي الدرداء رضي الله عنه قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: من …