Ukwanda kwesondlo

عن سهل بن سعد رضي الله عنه قال: جاء رجل إلى النبي صلى الله عليه وسلم فشكا إليه الفقر وضيق العيش أو المعاش فقال له رسول الله صلى الله عليه وسلم: إذا دخلت منزلك فسلم إن كان فيه أحد أو لم يكن فيه أحد ثم سلم علي واقرأ قل هو الله أحد مرة واحدة ففعل الرجل فأدَرَّ الله عليه الرزق حتى أفاض على جيرانه وقراباته (أبو موسى المديني وسنده ضعيف كما في القول البديع صـ 279)

UHazrat Sahl bin Sa’d ( radhiyallahu anhu) ubika ukuthi ngelinye ilanga, elinye iSahaabi (umlandeli) kaRasullulah (sallalahu alayhi wasallam) lafika kuRasullulah (salallahu alayhi wasallam) lakhala ngendlala nosizi lokuthola into ezomondla. UHazrat Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi kuleli sahaabi, “Uma ungena emzini wakho yenza iSalaam kungakathaliseki ukuthi kukhona abantu phakathi noma abekho. Emuva kwalokho thumela iDurood kimi futhi usho (iSurah) Qul – Huwallah kannye.” leli sahaabi lenza njengoba URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) eliyalelile. UAllah wase walibusisa ngesondlo esingangokuthi wase wakwazi ukondla omakhelwane nezihlobo zakhe.

Umbhali weDurood

UHazrat Sheikhul Hadeeth, Moulana Muhammed Zakariyya ubike ukuthi :

Umngane wami othembekile wake wangchela ngombhali wase ndaweni ekuthiwa iLucknow. Waye kade ejwayele ukuqala umsebenzi wakhe wosuku emuva kokubhala iDurood ephepheni ekade elibeke eceleni ukuze enze lomsebenzi
Ngenkathi sekufike iskhathi sokuthi ahambe emhlabeni, wangenwa ukuba novalo lakwelizayo ethi, “Ngizoba yini umasengishiya lomhlaba?” Ngokusho lokhu, kwaqhamuka enye inceku yase ithi kuye, “Yindaba ukhathazeke kangaka?” Lama phepha (ojwayele ukubhala kuwo amaHadeeth) ahleli noRasulullah (sallallahu alayhi wasallam) futhi ayahlotshiswa.

 

About admin

Check Also

Ukusho IDurood kashumi Ekseni Nantambama

عن أبي الدرداء رضي الله عنه قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: من …