Ubuhle Buka Muazzin (umuntu osho iAzaan) – 6

   عن عمر رضي الله عنهما أنه قال لو كنت مؤذنا لكمل أمري وما باليت أن لا أنتصب لقيام ليل ولا لصيام نهار سمعت رسول الله صلى الله عليه وسلم يقول اللهم اغفر للمؤذنين ثلاثا قلت يا رسول الله تركتنا ونحن نجتلد على الأذان بالسيوف فقال كلا يا عمر إنه سيأتي زمان يتركون الأذان على ضعفائهم تلك لحوم حرمها الله على النار لحوم المؤذنين (كشف الخفاء، الرقم: 2118)

Kubikwe ngoHazrat Umar (radhiyallahu anhu) ukuthi wathi, “Ukube bengikwazi ukusho iAzaan (kanye nokwenza umsebenzi wokuhola amaMuslim) ngempela beyizophelela injabulo yami. (Isibusiso sokusho iAzaan sikhulu ngalendlela yokuthi uma benginalo ithuba lokuba neskhundla sokuba UMuazzin) futhi emuva kwalokho angizange ngenze noma eyiphi isalaah (engeyiyo impoqo) ebusuku (iTahajjud), noma ngizizilele ngokwami, ngabe lokhu akungikhatazanga. Ngezwa URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) enza iDua ekhethekile yoMuazzin balesizwe ethi, ‘O Allah! Thethelela izono zoMuazzin!’ URasullulah (sallallahu alayhi wasallam) wenza leDua kathathu. Ngokumangala, ngathi, ‘O Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam) ( unyuse isikhundla sika Muazzin kangangokuthi) awusniki ithuba ngaphandle kokuthi usishiya esimweni sokuthi sizozimisela ngokulwa phakathi kwethu ngezinkemba zethu ukuze sithole ithuba lokusho iAzaan.” UHazrat Rasulullah (sallalahu alayhi wasallam) wathi, “Cha, we Umar! Kuyofika isikhathi la isifiso sokusho iAzaan siyobe singasekho ezinhliziyweni zabantu, abantu bayoze bathembele kwa bangenawo amandla phakati kwabo ukuze basho iAzaan. UAllah akawavumelanga umlilo wase Jahannam ukuthi uthinte izikhumba zoMuazzin.”

About admin

Check Also

Indlela EyiSunnah Yokusho IIkaamah

1. Yisho iIkaamah ngeHadr (ngokusho amagama ngendlela esheshayo). عن جابر رضي الله عنه أن رسول …