AmaSunnat Nendlela yokwenza IKurbaani – 2

6. KuyiSunnah ukugwema ukudla ekuseni ngosuku lweEid ul Adha kuze kubuywe kwiEid Salaah.

عن ابن بريدة عن أبيه رضي الله عنه أن رسول الله صلى الله عليه وسلم كان لا يخرج يوم الفطر حتى يأكل وكان لا يأكل يوم النحر حتى يرجع (سنن ابن ماجة، الرقم: 1756)

UHadrat Buraidah (radiallahu anhu) ubika ukuthi ngosuku lweEid ul Fitr, URasullullah waye kade engaphumi endlini engadlile. Kodwa ngosuku lweEid ul Adha waye kade engadli aze abuye kwiEid Salaah (uma ebuya into yokuqala waye kade eyidla isbindi sesilwane esihlatshiwe).
 7. Uma ubuya kwiEid Salaah into yokuqala ekumele uyidle inyama yesilwane esihlatshiwe. (ngoba lokhu kwaku kade KuyiSunnah kaRasullullah)

حدثني عبد الله بن بريدة عن أبيه قال كان رسول الله صلى الله عليه وسلم لا يغدو يوم الفطر حتى يأكل ولا يأكل يوم الأضحى حتى يرجع فيأكل من أضحيته  (وفي رواية السنن الكبرى للبيهقي: وكان إذا رجع أكل من كبد أضحيته) (مسند أحمد، الرقم: 22984)

UHadrat Buraidah (radiallahu anhu) ubika ukuthi ngosuku lweEid ul Fitr, URasullullah waye kade engaphumi endlini engadlile. Kodwa ngosuku lweEid ul Adha waye kade engadli aze abuye kwiEid Salaah (uma ebuya into yokuqala waye kade eyidla isbindi sesilwane esihlatshiwe).
Engnxoxweni kaBayhaqi kubikwe ukuthi  Into yokuqala ekade idliwa URasullullah (sallallahu alaihi wasallam) isbindi sesilwane esihlatshiwe.
  8. Akuvumelekile ukuzila ngomhlaka 10,11,12 no 13 enyangeni kaZul hijjah.

عن نبيشة الهذلي رضي الله عنه قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: أيام التشريق أيام أكل وشرب وذكر الله (صحيح مسلم، الرقم: 1141 ، مسند أحمد، الرقم: 20722)

Kubikiwe kusuka Hadrat Nubaisha (radiallahu anhu) ukuthi uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wathi, “Izinsuku zokudla, ukuphuza nokukhumbula uAllah.”
  9. Kumele uzame emandleni akho ukuthenga isilwane esihle ukuze wenze iKurbaani. Esihle kakhulu isilwane siyolanda isibusiso esikhulu kwelizayo.

عن عائشة رضي الله عنها وعن أبي هريرة رضي الله عنه أن رسول الله صلى الله عليه وسلم كان إذا أراد أن يضحي اشترى كبشين عظيمين أقرنين أملحين موجوءين فذبح أحدهما عن أمته لمن شهد لله بالتوحيد وشهد له بالبلاغ وذبح الآخر عن محمد وعن آل محمد صلى الله عليه وسلم (سنن ابن ماجة، الرقم: 3122 ، وقال العلامة البوصيري رحمه الله: هذا إسناد حسن (مصباح الزجاجة 3/222))

UHadrat Aisha noHadrat Abu Hurairah (radiallahu anhu) babika ukuthi uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wathenga iziklabhu ezimbini ezinqama, ezimnyama nokumhlophe ezinezimpondo ezaziphakuliwe. Wahlinza esisodwa egameni lesizwe sakhe sonke, laba abafakaza ngeTawheed (ubunye bukaAllah) nobuphrofethi bakhe waphinda wahlinza esinye egameni lakhe nomdeni wakhe. (wadlulisela isibusiso esokuqala esizweni sakhe sonke, wase edlulisa isibusiso sesibili emdenini wakhe.)
 10. Kuhle ukukhuluphalisa isilwane esizohlinzelwa iKurbaani.

قال يحيى بن سعيد سمعت أبا أمامة بن سهل قال: كنا نسمن الأضحية بالمدينة وكان المسلمون يسمنون (صحيح البخاري، الرقم: 5553)

UHadrat Yahya bin Saeed (radiallahu anhu) ubika ukuthi wezwa uHadrat Abu Umaamah bin Sahl (radiallahu anhu) ethi Kade sijwayele ukukhuluphalisa izilwane zethu zeKurbaani eMadinah Tayyibah futhi wonke amaMuslim (amaSahaabah) kade enza njalo.
  11. Uma ukwazi kuhle ukuthi uzihlinzele isilwane ngokwakho. Uma ungakwazi, okungenani ubekhona uma kuhlinzwa isilwane sakho (akumele abesilisa nabesifazane babe ndawonye).

عن علي رضي الله عنه أن رسول الله صلى الله عليه وسلم قال: يا فاطمة قومي فاشهدي أضحيتك فإن لك بأول قطرة تقطر من دمها مغفرة لكل ذنب أما إنه يجاء بلحمها ودمها توضع في ميزانك سبعين ضعفا قال أبو سعيد: يا رسول الله هذا لآل محمد خاصة فإنهم أهل لما خصوا به من الخير أو للمسلمين عامة قال: لآل محمد خاصة وللمسلمين عامة (الترغيب والترهيب، الرقم: 1662)

UHadrat Ali (radiallahu anhu) ubika ukuthi ngelinye ilanga uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wathi kuFathima (radiallahu anha), “hamba uyobuka ukuhlinzwa kwesilwane sakho seKurbaani, ngokuchitheka kweconsi legazi lokuqala z izono zakho ziyathethelelwa. Inyama negazi iyobekwa eskalini sezenzo ezilungile futhi ziphinda phindwe ka(70).” UHadrat Abu Saeed (radiallahu anhu) wase ebuza uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam),” O Rasullullah! (sallallahu alaihi wasallam) ngabe lesibusiso sibekelwe umdeni wakho kuphela, ngoba benelungelo lokuthola umusa okhethekile noma lesibusiso esawowonke amaMuslim?” URasullullah (sallallahu alaihi wasallam) waphendula wathi, “lokhu kwethulwe ngokukhetheka komdeni wami kodwa naso sonke Isizwe sami.”

About admin

Check Also

AmaSunnat Nendlela yokwenza IKurbaani – 3

12. Kuvumelekile ukuthi owesifazane azihlabele isilwane sakhe kodwa 13. Ungasihlabi isilwane ngaphambili kwezinye izilwane. 14. …