Ukwandisa Ukusho IDurood Ngosuku LweJumuah

عن أبي هريرة رضي الله عنه قال : قال رسول الله صلى الله عليه وسلم : أكثروا الصلاة علي في الليلة الزهراء واليوم الأغر فإن صلاتكم تعرض علي (المعجم الاوسط للطبراني وسنده ضعيف لكن يتقوى بشواهده كما في القول البديع صـ 325)

UHadrat Abu Hurairah (radiallahu anhu) ubika ukuthi URasullullah wathi, “yandisa ukusho iDurood kimi ngosbusuku beJumuah nemini ekhanyayo ngoba iDurood yethulwa kimi.”

عن أوس بن أوس رضي الله عنه قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم إن من أفضل أيامكم يوم الجمعة فأكثروا علي من الصلاة فيه فإن صلاتكم معروضة علي قال: فقالوا: يا رسول الله: وكيف تعرض صلاتنا عليك، وقد أرمت قال: يقولون بليت قال: إن الله تبارك وتعالى حرم على الأرض أجساد الأنبياء صلى الله عليهم (سنن أبي داود، الرقم: 1531، وإسناده صحيح كما في خلاصة الأحكام للنووي 1/441)

UHadrat Aws bin Aws (radiallahu anhu) ubika ukuthi URasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wathi, ” Usuku oluhle kakhulu usuku LweJumuah Ngakho-ke yandisa ukusho iDurood kimi ngalolusuku ngoba iDurood yenu yethulwa kimi.”AmaSahaabah (radiallahu anhum) ase ebuza,”IDurood yethu iyofikela kanjani kuwe uma usungasekho emhlabeni ngoba amathambo akho ayobe esengasekho? “ UHadrat Rasullullah (sallallahu alaihi wasallam) waphendula wathi,” UAllah akawvumelanga umhlaba ukuthi ubolise imizimba yabaProfethi. “
Ukugqoka Ibhukwe Ngendlela Yokuthi Alifikeli Emaqakaleni
Ngelinye ilanga uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wakhuluma ngeSahaabi ekuthiwa uKhuraim Asadi wathi, “Ungumlisa olungile ngaphandle kokuthi uyekela Ibhulukwe lakhe lidlule amaqakala.” Ngenkathi uKhuraim (radiallahu anhu) wabanolwazi lalokho wagunda izinwele zakhe wakhuphula ingubo Yakhe wayibeka phakathi kwezimbande. (Sunan Abi Dawood)

About admin

Check Also

Ubuhle Obukhulu Bokusho IDurood Ngosuku LweJumuah

عن أوس بن أوس رضي الله عنه قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم …