Umlandeli KaRasulullah (sallallahu alaihi wasallam) Emgedeni Nasechibini

UHadrat Abu Bakr (radiallahu anhu) Emgedeni Wase Kawsar

Ngenkathi besemgedeni kwiHijrah (uhambo olalusuka eMakkah luya eMadina) kubikwa ukuthi uHadrat Abu Bakr (radiallahu anhu) wakhathazeka ukuthi kungabikhona isilwane esizoqhamuka ezimbobeni zomgede silimaze uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam). Wase evala izimbobo ngokudabula iziqephu zendwango yakhe eyangezansi kwase kwasala izimbobo ezimbili ekwashoda khona indwangu. Ngenxa yalokho wase uHadrat Abu Bakr (radiallahu anhu) izinyawo zakhe ngaphezulu kwalezo mbobo. URasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wabeka ikhanda lakhe phezu kwamathanga kaHadrat Abu Bakr (radiallahu anhu) wase eyalala. UHadrat Abu Bakr (radiallahu anhu) wezwa engathi ulunywav inyoka onyaweni lakhe kodwa ngenxa yokungafisi ukuphaza ubuthongo bukaRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) akazange anyakaze nakancane wabekezela izinhlungu. Kodwa ngenhla yezinhlungu futhi nokungakwazi ukubekezela izinhlungu kwehlika izinyembezi ebusweni baHadrat Abu Bakr (radiallahu anhu) zawela ebusweni baRasullullah (sallallahu alaihi wasallam).
UHadrat Rasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wass evuka ebuza, “kwenze njani, O Abu Bakr? “ UHadrat Abu Bakr (radiallahu anhu) waphendula wathi,” O Rasullullah (sallallahu alaihi wasallam)! Engathi abazali bami banganikelwa ngawe, ngilunyiwe! ” URasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wase efaka amathe akhe abusisekile la kade elunywe khona, zaphela izinhlungu zakhe.

About admin

Check Also

Umuntu Olunge Kakhulu Kulesizwe

Umuntu Olunge Kakhulu Walesizwe UHadrat Abu Darda (radiallahu anhu) wathi, “Ngelinye ilanga uRasullullah (sallallahu alaihi …