Ubuhle Obukhulu Bokusho IDurood Ngosuku LweJumuah

عن أوس بن أوس رضي الله عنه قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم إن من أفضل أيامكم يوم الجمعة فأكثروا علي من الصلاة فيه فإن صلاتكم معروضة علي قال: فقالوا: يا رسول الله: وكيف تعرض صلاتنا عليك، وقد أرمت قال: يقولون بليت قال: إن الله تبارك وتعالى حرم على الأرض أجساد الأنبياء صلى الله عليهم (سنن أبي داود، الرقم: 1531، وإسناده صحيح كما في خلاصة الأحكام للنووي 1/441)

UHadrat Aws bin Aws (radiallahu anhu) ubika ukuthi URasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wathi, “Usuku oluhle kakhulu phakathi kwezinsuku usuku Lwesihlanu, ngolwesihlanu kwadalwa uAadam (alayhisallaam), washona ngolwesihlanu, icilongo liyokhaliswa ngolwesihlanu futhi ngolwesihlanu indalo yonke iyoquleka, Ngakho-ke yandisa ukusho iDurood kimi ngosuku lweJumuah ngoba iDurood yenu yethulwa kimi. “AmaSahaabah (radiallahu anhum) ase ebuza,” O Rasullullah (sallallahu alaihi wasallam)! IDurood yethu yethulwa kanjani kuwe ngoba umzimba wakho uyobe ubolile ethuneni? ‘ uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) waphendula wathi, “UAllah akawvumelanga umhlaba ukuthi ubolise imizimba yabaProfethi.”
Encwadini ekuthiwa “iQootul Quloob” uAllamah sakhawi (rahmatullah alayhi) ubhala ukuthi ukwandisa okukhulunywa ngakho kuleHadeeth kuchaza ukuthi kumele uzame ukusho iDurood ewu (300) ngosuku. UMoulana Ahmed Rashid Gangohi ulayeza izincelebane zakhe ukuthi zisho iDurood ewu (300).
UHadrat Zainul Abideen Ali bin Hussain wathi ukwandisa iDurood kukhombisa ukuzibandakanya neAhlus Sunnah Waljamaah.
UHadrat Hakeem bin Hizaam (radiallahu anhu) Uyeka Ukucela
UHadrat Hakeem bin Hizaam (radiallahu anhu) wake waya kuRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wacela usizo, uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wase emnika. Waphinda futhi waya kuRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wacela, uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) kwaba khona amnikezayo futhi.
Ngenkathi efika kwesithathu ezocele usizo, uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) kwaba khona amnizekayo wase ethi kuye, ” O Hakeem! Imali iyakhohlisa, ibonakala engathi imnandi. Iyisbusiso uma uyisebenzelile ngokujabula kwenhliziyo kodwa ayikho injabulo uma uzoythola ngomhobolo.” UHadrat Hakeem bin Hizaam (radiallahu anhu) wase ethi, “O Rasullullah (sallallahu alaihi wasallam) angeke ngiphinde ngicele omunye umuntu futhi.”

About admin

Check Also

Ukwandisa Ukusho IDurood Ngosuku LweJumuah

عن أبي هريرة رضي الله عنه قال : قال رسول الله صلى الله عليه وسلم …