AmaSunnat Nendlela yokwenza IKurbaani – 3

12. Kuvumelekile ukuthi owesifazane azihlabele isilwane sakhe kodwa

13. Ungasihlabi isilwane ngaphambili kwezinye izilwane.
14. Uma uhlaba kumele usebenzise ummese obukhali futhi kumele uhlabe ngokusheshisa. Ungasizwisi isilwane izinhlungu ngokusebenzisa ummese obuthuntu noma ngokwenza kancane.

عن عبد الله بن عمر رضي الله عنهما قال: أمر رسول الله صلى الله عليه وسلم بحد الشفار وأن توارى عن البهائم وقال: إذا ذبح أحدكم فليجهز (سنن ابن ماجة، الرقم: 3172 )

UHadrat Abdullah bin Umar (radiallahu anhu) ubika ukuthi uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wasilayeza ngokulola immese (ngaphambili kokuhlaba) futhi umasihlaba singahlabi ngaphambili kwezinye izilwane, wathi, “Uma uhlaba isilwane yenza ngokusheshisa (ukuze izinhlungu zibe ncane).
15. Ungawuloli ummese ngaphambili kwesilwane.

عن ابن عباس رضي الله عنهما أن رجلا أضجع شاة وهو يحد شفرته فقال النبي صلى الله عليه وسلم: أتريد أن تميتها موتات هلا أحددت شفرتك قبل أن تضجعها (المستدرك على الصحيحين للحاكم، الرقم: 7563)

UHadrat Ibn Abbaas (radiallahu anhu) ubika ukuthi ngelinye ilanga khona umuntu wabeka phansi isilwane wase elola ummese (ngaphambili kwesilwane) uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wamthethisa wathi, “ufuna ukusibulala kangakhi lesilwane? Yindaba ungawulolanga ummese ngaphambili kokuthi usibeke phansi isilwane?“
16. Kumele silethwe kahle islilwane endaweni yokuhlaba, akumele usihudule.

عن ابن سيرين قال: رأى عمر بن الخطاب رجلا يسحب شاة برجلها ليذبحها فقال له: ويلك قدها إلى الموت قودا جميلا (مصنف عبد الرزاق، الرقم: 8605 )

UHadrat Ibn Sireen (rahmatullah alayhi ) ubika ukuthi uHadrat Umar (radiallahu) wake wabona umuntu ehudula imbuzi yakhe ngonyawo ukuze ayoyihlaba. UHadrat Umar (radiallahu anhu) wamthethisa wathi,” maye kuwe! Siholele (isilwane) ekufeni ngendla enhle.”
17. Kumele isilwane silaliswe ngohlangothi lwesonxele sibhekise kwiKiblah.

عن أنس قال: ضحى رسول الله صلى الله عليه وسلم بكبشين أملحين أقرنين ذبحهما بيده وسمى وكبر ووضع رجله على صفاحهما (صحيح البخاري، الرقم: 5565)

UHadrat Anas (radiallahu anhu) ubika ukuthi URasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wahlaba izinqama ezimbili ezazinezimpondo ezazinombala omhlophe nokumnyama ngokwebala. Wazihlaba ngezandla zakhe ezibusisekile esho iTasmiyah (uBismillah) neTakbeer (uAllahu Akbar) wabeka izinyawo zakhe emacele esilwane.
18. Kumele kuqalise ukhishwa kwesikhumba uma sekubonakala ukuthi awsekho umphefumulo esilwaneni.
19. Ngenkathi uhlaba kumele usho iTasmiyah ngalendlela elandelayo :

بسم الله الله اكبر

 Egameni lika Allah, uAllah mkhulu kakhulu.

About admin

Check Also

Ubuhle Bomuntu Ohamba Aye EMasjid Ukuyowenza ISalaah – 1

  1. Ukwenza iWudhu endlini ube usuhamba phansi uye eMasjid kuyindlela Yokuthi kube intethelelo yezono …