Ukuthola Imiklomelo Engamashumi Ayisikhombisa

عن عبد الرحمن بن مريح الخولاني قال سمعت أبا قيس مولى عمرو بن العاص يقول: سمعت عبد الله بن عمرو يقول: من صلى على رسول الله صلى الله عليه وسلم صلاة صلى الله عليه وملائكته سبعين صلاة فليقل عبد من ذلك أو ليكثر (مسند أحمد، الرقم: ٦٦٠٥، وإسناده حسن وحكمه الرفع إذ لا مجال للإجتهاد فيه كما في القول البديع صـ ٢٣٧)

UHadrat Abdullah bin Amr bin Aas (radhiyallahu ‘anhu) ubika ithi, “Lowo ohaya isibingelelo (durood ne salaam) kuRasulullah (sallallahu ‘alaihi wasallam) ihlandla elilodwa, u Allaah kanye nezingelosi zaKhe uzomehlisela umusa kanye nezibusiso ezingamashumi ayisikhombisa. Ngakho-ke ofuna ukwandisa isibingelelo akasandise, ofuna ukusinciphisa akasinciphise (okusho ukuthi ofuna ukuhlomula kakhulu makandise isibingelelo).

Isigameko Sokuqala – Imahr Kahadhrat Adam (Ukuthula Kube Kuye)

UShaikh Abdul Haq Dehlawi (rahimahullah) ku “Madaarijun NUbuwwah” ubhale ukuthi ngesikhathi UHadhrat Hawa (radhiyallahu ‘anha) edalwa, UHadhrat Adam (alai’ his salaam) waba nomuzwa wokwelula isandla amthinte. Izingelosi zamkhuza zathi, “Iba nesineke ulinde nize nishadiswe (nikkah) umnike neMahr. UHadhrat Adam (alai’ his salaam) wabuza wathi,”Iyini iMahr?” Izingelosi zaphendula zathi,” Haya isibingelelo (durood) kuRasulullah (sallallahu ‘alaihi wasallam). (Komunye umbiko kuthiwa iMahr yayizizibingelelo zikaRasul (ukuthula kube kuye) ezingamashumi amabili). (Al-Qawlul Badee’ Pg, 132)

About admin

Check Also

Ukusho IDurood Uma Usemhlanganweni

عن ابن عمر رضي الله عنهما قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم زينوا …