Ukwenzelwa Idu’a Ngurasulullah (sallallahu ‘alaihi wasallam)

عن أنس بن مالك قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: من صلى علي بلغتني صلاته وصليت عليه وكتبت له سوى ذلك عشر حسنات (المعجم الأوسط للطبراني، وسنده لا بأس به كما القول البديع صـ ٢٣٩)

UHadhrat Anas bin Maalik (radhiyallahu ‘anhu) ubika uthi uRasulullah (sallallahu ‘alaihi wasallam) wathi, “Lowo othumela idurood eyodwa kimi, uma ifika (ilethwa yizingelosi) ngiya kumenzela idu’a. Futhi kuzoqoshwa izenzo ezinhle ezilishumi egameni lakhe.”

Ubuso Bushintsha Buba Obengulube

Ku “Nuzhatul Majaalis” kubhalwe lesi sigameko :

Indoda nendodana yayo bathatha uhambo. Ubaba washona endleleni, ubuso bakhe bashintsha baba obengulube. Indodana yakhala kakhulu uma ibona lokhu, yakhuleka icelela ubaba wayo ku Allaah.

Yazumeka yalala, yaphupha umuntu esithi, “Ubaba wakho ubezalanisa (edla inzalo), yingakho ubuso bakhe bunje. Khululeka uthokoze ngoba uRasulullah (ukuthula kube kuye) umkhulumele ngoba wayethi njalo uma ezwa igama likaRasulullah (ukuthula kube kuye) asho idurood. Yingalesi sizathu ubuso bakhe bubuyiselwe esimweni esejwayelekile.” (Nuzhatul Majaalis, Pg.82/2)

About admin

Check Also

Ukusho IDurood Uma Usemhlanganweni

عن ابن عمر رضي الله عنهما قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم زينوا …