Ukukhululwa Kuko Konke Ukukhathazeka

عن أبي بن كعب رضي الله عنه قال قلت يا رسول الله إني أكثر الصلاة عليك فكم أجعل لك من صلاتي ؟ فقال ما شئت قال قلت الربع قال ما شئت فإن زدت فهو خير لك قلت النصف قال ما شئت فإن زدت فهو خير لك قال قلت فالثلثين قال ما شئت فإن زدت فهو خير لك قلت أجعل لك صلاتي كلها قال إذا تكفى همك ويغفر لك ذنبك (سنن الترمذي، الرقم: ٢٤٥٧)

UHadhrat Ubayy bin Ka’b (radhiyallahu anhu) uthi: Ngabuza kuRasulullah (sallallahu alaihi wassallam) ngathi, ” O Rasulullah (sallallahu alaihi wassallam) ngifisa ukwandisa idurood yami kuwe, kwisikhathi engisibekele idu’a kufanele ngabele idurood esingakanani?” URasulullah (sallallahu alaihi wassallam) waphendula wathi, ” Leso osithandayo.” Ngabuza, ” Ikota ilungile?” Waphendula wathi,” Uma uthanda.,kodwa uma wandisa kuyokusiza. ” Ngabuza.” Uhhafu ulungile? Waphendula wathi, ” Uma uthanda, kodwa uma wandisa uzosizakala. ” Ngabuza,” Okubili kokuthathu? ” Waphendula wathi,” Uma uthanda, uma wandisa uzosizakala.” Ngagcina ngokuthi,” O Rasulullah (sallallahu alaihi wassallam), uma kunjalo ngizochitha sonke isikhathi engisibekele idu’a ngeza idurood. ” URasulullah (sallallahu alaihi wassallam) wathi, ” Lokho kuyobayindlela yokuthi uAllaah akukhulule kuko konke ukukhathazeka (kanye nezinkinga) futhi kube yindlela yokuthethelelwa kwezono zakho.”

QAPHELA : Kulehadith iSahaabi lachaza kuRasulullah (sallallahu alaihi wassallam) ukuthi libeke eceleni isikhathi emini noma ebusuku sokwenza idu’a. Waqhubeka wabuza kuRasulullah (sallallahu alaihi wassallam) ukuthi kungangcono yini uma echitha sonke isikhathi sedu’a esenza idurood, lapho uRasulullah (sallallahu alaihi wassallam) wamazisa ukuthi uzothola umhlomulo wedurood futhi kufezeke zonke izicelo ebezozicela kwidu’a ebezoyenza kuAllaah.

Kufanele sikuqaphele ukuthi lehadith ayiqonde kuthi iSahaabi lalifuna ukushiya isunnah yedu’a, ngoba idu’a yenziwa njalo emuva komkhuleko oyimpoqo (fardh salaah), eyezintatha (Tahajjud) kanye nengeyona impoqo(nafl). Wayebuzela ukuthi enze idurood ngesinye nje isikhathi sedu’a azibekele sona.
Futhi ke incazelo yale hadith ixhaswa yihadith ephakeme (Hadith~e~Qudsi) lapho uAllaah ethi :

” Lowo inkumbulo yami emenza angenzi idu’a acele kimi, ngizomnika okungcono kunalokho engikunikeza labo abenza idu’a becela.”

Isigameko Seshumi ~ Okwehlela Ushaikh Abul Khair Aqtaa (rahimahullah)

UShaikh Abul Khair Aqtaa (rahimahullah) uthi :

Ngafika eMadinah ngahlala izinsuku ezinhlanu. Ngahlaselwa yindlala nezimo ezinzima. Ngaya ethuneni likaRasulullah (Sallalahu alaihi wassallam) ngamubingelela. Ngaya nasethuneni lika Abu Bakr nelika Umar (radhiyallahu anhu). Ngathi kuRasulullah (Sallalahu alaihi wassallam), “O Rasulullah (Sallalahu alaihi wassallam) ngicela ukuba yisivakashi sakho namuhla. Ngase ngisuka lapho ngayolala emuva kwemimbar {pulpit}. Ngaphupha ngibona uRasulullah (ukuthula kube kuye), kwesokudla sakhe kwakukhona u Abu Bakr kwesokunxele kwakukhona u Umar ngaphambili kungu Ali (radhiyallahu anhu) weza kimi wathi, “Sukuma, uRasulullah (Sallalahu alaihi wassallam) uyeza.” Ngasukuma ngokushesha lapho engangiphumule khona ngaqabula uRasulullah (Sallalahu alaihi wassallam) phakathi kwamehlo.. Wanginika isinkwa , ngadla ingxenye esinye ngasibeka. Ngaphaphama ngathola le enye ingxenye isakhona esandleni sami.

About admin

Check Also

Ukusho IDurood Uma Usemhlanganweni

عن ابن عمر رضي الله عنهما قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم زينوا …