Ukuxhawula Urasulullah (Ukuthula Kube Kuye) Ngosuku Lokwahlulela

قال النبي صلى الله عليه وسلم من صلى علي في يوم خمسين مرة صافحته يوم القيامة (القربة لابن بشكوال، الرقم: ٨٧، وقد سكت عنه السخاوي في القول البديع صـ ٢٨٩، ويفهم من سكوته أن الحديث معمول به عنده، ولذلك ذكره في كتابه)

Kubikwa ukuthi uRasulullah (sallallahu ‘alaihi wasallam) wathi, “Lowo othumela idurood kimi amahlandla angamashumi amahlanu ngosuku, ngizomuxhawula ngosuku lokwahlulela.”

Isigameko Seshumi Nanye – Idurood Iwusizo Usushonile.

Lesi sigameko esilandelayo sibhalwe ku Al- Raudhul Faa’iq. UHadhrat Sufyaan Thauri (rahimahullah) uthi:

Ngathi ngenza iTawaaf (ukuzungeza iKa’bah) ngabona enye indoda nayo isenza iTawaaf. Kuyo yonke iTawaaf ayeyenza wayesho idurood kuphela, engasho Tasbeeh (subhaanallaah), Tahleel (laa ilaaha illallaah) nokunye.

Ngambuza isizathu, waphendula wathi, “Ungubani wena?” Ngaphendula ngathi, “Ngingu Sufyaan Thauri.” Wathi “:

Ukube ubungeyena lo Solwazi onguyena bengingeke ngikutshele imfihlo yami. Sahamba nobaba wami saya kuhajj (uhambo olungcwele oluya eMakkah). Endleleni ubaba wahlatshwa wukugula. Ngazama ngakho konke ukumsiza kepha wagcina ngokudlala emhlabeni. Ubuso bakhe bashintsha babamnyama. Kwangihlupha kakhulu lokhu, ngase ngithi, “inna lillaah”.

Ngamboza ubuso bakhe ngendwangu. Ngavala amehlo ami ngazumeka ngalala ngisosizini. Ngaphupha ngibona indoda isiza kimi. Ubuhle, inhlanzeko namakha ngangiqala ukukubona. Weza eshesha, wafika wasusa indwangu ebusweni bukababa, wabeka isandla sakhe. Baphenduka ubuso bukababa babamhlophe ngaleso sikhathi. Wathi eselungela ukuhamba, ngamubamba ngathi, “Sengathi uAllaah angaba nomusa kuwe. Ngicela ukwazi ukuthi ungubani ngoba uAllaah ukhombise umusa wakhe kubaba wami ngawe.”

Waphendula wathi, “Awungiboni? Ngingu Muhammad (ukuthula kube kuye) indodana ka Abdullah, ngembulelwa iQur’aan eyingcwele”. Ubaba wakho ubeyisoni esikhulu kepha ubehlala ethumela idurood kimi engaphezi. Ngakho-ke kuthe uma ububi bezono zakhe behlela kuye, ngabona ukuxakeka kwakhe, ngaphuthuma ukuzomsiza njenganalokho ngisenza kubo bonke abathumela idurood kimi”. (Al-Raudul Faa’iq, Pg. 241)

About admin

Check Also

Ukusho IDurood Uma Kukhona Into Oyikhohliwe

عن أنس رضي الله عنه قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: إذا نسيتم …