Ukuzuza Okukhethekile Kokuba Seduze Nohadhrat Rasulullah (sallallahu ‘alaihi wasallam) Ngosuku Lokwahlulela

عن عبد الله بن مسعود أن رسول الله صلى الله عليه وسلم قال: أولى الناس بي يوم القيامة أكثرهم علي صلاة (سنن الترمذي، الرقم: ٤٨٤، وحسنه الإمام الترمذي رحمه الله)

UHadhrat Abdullah bin Mas’ood (radhiyallahu ‘anhu) ubika ukuthi uRasalullah (sallallahu ‘alaihi wasallam) wathi, “Umuntu ozoba seduze kwami kakhulu (nozoba nelungelo lokuthi ngimshwelezele) ngosuku lokwahlulela ngobekade ethumela kakhulu isibingelelo kimi esesemhlabeni.

Isigameko Sesine- Intethelelo Etholakala Ngokusho Idurood Kaningi.

Umuntu waphupha uAbu Hafs Al-Kaaghazi (rahimahullah) owayenoboqotho eseshonile. Wambuza wathi, “Wenzeni uAllaah kuwe?” U Abu Hafs waphendula wathi, ” uAllaah ube nomusa kimi, ungithethelele, wangingenisa ePharadesi.” Uma ebuzwa uAbu Hafs (rahimahullah) isizathu sokuthi ahlonishwe futhi abusiswe ngale ndlela, waphendula wathi.” Khathi ngimi phambi kuka Allaah, uAllaah Uyalele izingelosi ukuthi zibale izenzo zami. Zibale izono zami zase zibala idurood engangiyenzela uRasulullah (ukuthula kube kuye), isibalo sedurood sibe sikhulu kunesezono. UAllaah wathi ezingelosini, ” O Zingelosi  zaMi! Loku kwanele! Sulani izono zakhe nimungenise ePharadesi yaMi! (Al- Qawlul Badee, Pg.259)

About admin

Check Also

Ukusho IDurood Uma Usemhlanganweni

عن ابن عمر رضي الله عنهما قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم زينوا …