Ukubona Indawo Yakho Epharadesi

عن أنس بن مالك قال: قال رسول الله صلى الله عليه وآله وسلم: من صلى علي صلاة واحدة صلى الله عليه عشرا ومن صلى علي عشرا صلى الله عليه مائة ومن صلى علي مائة كتب الله له بين عينيه براءة من النفاق وبراءة من النار وأسكنه الله يوم القيامة مع الشهداء (المعجم الصغير للطبراني، الرقم: ٨٩٩، وقال الهيثمي في مجمع الزوائد (الرقم: ١٨٢٩٨): رواه الطبراني في الصغير والأوسط وفيه إبراهيم بن سالم بن شبل الهجيمي ولم أعرفه وبقية رجاله ثقات، وقال المنذري في الترغيب والترهيب (الرقم: 2560): وفي إسناده إبراهيم بن سالم بن شبل الهجعي لا أعرفه بجرح ولا عدالة)

UHadhrat Anas (radhiyallahu anhu) ubika ukuthi uRasulullah (sallalahu alaihi wassallam) wathi, “Lowo othumela idurood kimi amahlandla ayinkulungwane ngoLwesihlanu, uyoboniswa indawo yakhe ePharadesi ngaphambi kokuthi adlule emhlabeni.”

Isigameko Seshuminambili~ Intethelelo Nezibusiso Zedurood

Umuntu thizeni oqotho ubika lesi sigameko :

Ngake ngaphupha umuntu owayaziwa ngokuthi ngu”Mistah” eseshonile. Wayeyisoni esikhulu ngesikhathi esaphila. Ephusheni ngabuza ngathi, “Wenze njani ngawe uAllaah?” Waphendula wathi, “UAllaah ungithethelele”. Ngambuza isizathu. Waphendula wathi, ” Ngake ngacela uMuhaddith (isazi samahadith) ukuthi asho ihadith. Wathi uma eqeda ukusho igama likaRasulullah (sallallahu alaihi wassallam) washo idurood. Nami ngasho idurood kuRasulullah (sallallahu alaihi wassallam) ngimemeza. Bonke abantu ababekhona kumbuthano bathi uma bengizwa ngisho idurood, nabo bayisho. UAllaah wathethelela izono zethu sonke ngaso leso sikhathi”.

About admin

Check Also

Ukusho IDurood kashumi Ekseni Nantambama

عن أبي الدرداء رضي الله عنه قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: من …