AmaFaraaidh eGhusl

AmaFaraaidh eGhusl

1. Ukuhahaza umlomo ngendlela yokuthi amanzi afike yonke indawo.
2. Ukufaka amanzi emakhaleni kuze kufike ethanjeni.
3. Ukuthela umzimba wonke ngamanzi.

AmaSunnat eGhusl

1. Ukwenza inhloso yokususa konke ukungcola ukuze ube msulwa.
2. Uma iSatr imbozekile yisho uBismillah.
3. Geza izandla kufike esihlakaleni kathathu.
4. Ukugeza izitho zangasese noma zingangcolile.
5. Ukwenza iWudhu ngaphambi kokugeza umzimba wonke.
6. Ukuthela amanzi ekhanda kathathu.
7. Ukuthela amanzi ohlangothini lwesokudla kathathu uqale ngasekhanda.
8. Ukuthela amanzi ohlangothini lwesinxele kathathu uqale ngasekhanda.
9. Ukuhlikihla umzimba ngesikhathi uthela amanzi ukuqinisekisa ukuthi uba manzi wonke.
10. Ungasebenzisi amanzi amancane ngendlela yokuthi umzimba ungagezeki wonke kodwa futhi ungawamoshi amanzi.
11. Ungabheki kwiKibla
12. Yenzela iGhusl endaweni esithekile lapho ungezubonwa muntu khona.

About admin

Check Also

Indlela EyiSunnah Yokusho IIkaamah

1. Yisho iIkaamah ngeHadr (ngokusho amagama ngendlela esheshayo). عن جابر رضي الله عنه أن رسول …