Imikhonzo nezilokotho idluliselwa ku Hadhrat Rasulullah (sallallahu alaihi wasallam) izingelosi.

عن ابن عباس رضي الله عنهما قال: ليس أحد من أمة محمد يصلي على محمد أو يسلم عليه إلا بلغه يصلي عليك فلان ويسلم عليك فلان (مسند إسحاق بن راهويه، الرقم: ٩١١، ورجاله ثقات إلا أبا يحيى القتات، ففيه ضعف)

UHadhrat Ibnu Abbaas (radhiyallahu anhuma) wake washo lokhu, “Akekho umuntu kumphakathi (ummah) ka Rasulullah (sallallahu alaihi wasallam) othumela izilokotho noma imikhonzo ku Rasulullah (sallallahu alaihi wasallam) ngaphandle kokuthi idluliswe kuye izingelosi futhi zithi kuye,” Usbani-bani uthumele izilokotho kuwe, futhi u sbani-bani uthumele imikhonzo kuwe.”

Ukuzihlanganisa Nalabo Abasho Idurood

UHadhrat Sa’d Zanjaani (rahimahullah) wake wathi :

Kwakunendoda eyayingudlayedwa ihlala nathi eGibhithe. Igama layo kwakungu Abu Sa’eed Al-Khayyaat (rahimahullah). Wayengazihlanganisi kumbe akhulume nabantu, futhi wayengayihambi imihlangano eyayibanjwa endaweni. Kepha, kwathi ngokuhamba kwesikhathi samubona engaphuthwa imihlangano eyayibizwa ngu Ibnu Rasheeq (rahimahullah). Abantu bakuqaphela lokhu, bamangala futhi bamubuza isizathu. Waphendula wathi, “Ngibone uRasulullah (sallallahu alaihi wasallam) ephupheni wathi kimi, ‘Thamela imihlangano ka Ibnu Rasheeq ngoba yena uthumela imikhonzo kimi ngobuningi.'”

About admin

Check Also

Ukusho IDurood kashumi Ekseni Nantambama

عن أبي الدرداء رضي الله عنه قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: من …