Izingelosi Zihamba Umhlaba Wonke Ziqoqa Idurood

عن عبد الله قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: إن لله ملائكة سياحين في الأرض يبلغوني من أمتي السلام (سنن النسائي، الرقم: 1282، صحيح ابن حبان، الرقم: 913)

UHadhrat Abdullah bin Mas’ood (radhiyallahu ‘anhu) ubika ukuthi uRasulullah (sallallahu ‘alaihi wasallam) wathi, “Ngempela, uAllaah Ophakeme uneqembu lezingelosi ezihamba umhlaba wonke (ziqoqa idurood) ukuze zidlulise idurood ye ummah yami kimi.”

Ukuthola Ukuba Seduze No Rasulullah (sallallahu ‘alaihi wasallam) Okukhethekile

UQaadhi Iyaadh (rahimahullah) wayengusolwazi wamahadith (Muhadith) ophambili ngezikhathi zakhe. Wabhala incwadi ngamalungelo ka Rasulullah (sallallahu ‘alaihi wasallam) kanye nokuthunyelwa kwedurood kuye ebizwa nge Al – Shifaa.

Kubikwa ukuthi umshana ka Qaadhi Iyaadh (rahimahullah) wake waphupha umalume wakhe UQaadhi Iyaadh (rahimahullah ) ehleli no Rasulullah (sallallahu ‘alaihi wasallam) kwisihlalo sobukhosi segolide. Wathi uma ebona ukuhlonipheka kwesikhundla kanye nendlela umalume wakhe ayeseduze ngayo kuRasulullah (sallallahu ‘alaihi wasallam) wamangala futhi wathinteka kakhulu.

Kwathi lapho UQaadhi Iyaadh (rahimahullah) ezwa ngephupho lika mshana wakhe kanye nokumangala kwakhe, wakhuluma naye wathi, “Mshana wami! Bambelela uqinise kwincwadi yami i Al – Shifaa, futhi uyenze ibe yindlela yakho yokumukelwa ngu Allaah Ophakeme !”

Khona njalo uQaadhi Iyaadh (rahimahullah) wamuchazela umshana wakhe isizathu sokuthi abusiswe ngokuba seduze no Rasulullah (sallallahu ‘alaihi wasallam) yincwadi yakhe i – Al – Shifaa eyayigcwele idurood ka Rasulullah (sallallahu ‘alaihi wasallam) kanye nezigameko zothando luka Rasulullah (sallallahu ‘alaihi wasallam). (Bustaan Ul Muhaditheen, Pg, 344)

About admin

Check Also

Ukusho IDurood kashumi Ekseni Nantambama

عن أبي الدرداء رضي الله عنه قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: من …